UKUKHULA edelelekile ngenxa yomzimba omncane nokuba mnyama kakhulu, uthi kumqinisile usomahlaya uSphelele Khanyile (24) owaziwa ngelikaNdlebe wagcina esengusomahlaya ophumelelayo.
UNdlebe ongowaseChesterville, eThekwini, uthe bekumele avikele indlela abukeka ngayo kontanga yakhe abebehlala bemdelela wagcina esekwazi ukucoba abanye ababemdelela ngendlela ayeyiyona.
Indlela athi ubebaphendula ngayo bekugcina kuhlekwa bona abathi bayamdelela wagcina ecijekile ngokuqhulula amahlaya.
Uthe ukwaze ukuzamukela indlela ayiyona ngokuthi angesabi ukukhuluma ngendlela abukeka ngayo kontanga yakhe bese eyabacoba kuhlekwe.
“Bese ngikwazi ukubavimba ngokuthi ngiqale ngokuzichaza ukuthi ngizacile futhi ngimnyama bese ngiqala ngibadelela kuhlekwe. Kugcine kuyinto engiyijwayelayo kodwa bengingazitsheli ukuthi ngingaba wusomahlaya ngoba bengingakaze ngikunake nokuthi kungaba wumsebenzi engingaphila ngawo ukuhlekisa abantu,” kusho uNdlebe.
Uthe uqale ukubona amahlaya ukuthi angumsebenzi okhokhelayo ngesikhathi eqashwa womkhaya bakhe abangosomahlaya, Amawele aseChesterville emcimbini owawuseDurban University of Technology (DUT) ngo-2014.
“Ngaleso sikhathi ngangisebenza endaweni okugezwa kuyona nizimoto ngasekhaya. Ngesikhathi Amawele aseChesteville engiqasha ukuzohlekisa ngahola uR2 000. Ngangiqala ukuthola imali ngamahlaya. Ngabuya lapho ngasula e-car wash ngokushesha ngabatshela ukuthi sengingusomahlaya mina futhi ngiyahola. Kusuka lapho ngiqale ukuthola imisebenzi ezindaweni ezahlukene ngihlekisa abantu,” usho kanje.
Uthe ukuba ngusomahlaya kumsizile kakhulu ngoba ugcine eselaliswa nasemahhotela uma eqashiwe ukuthi ayonandisa okuyinto abengayazi.
Uthe ngenxa yokuthi ukhuliswe wumama wakhe kuphela nezingane zakwabo, kumsizile ukuba ngusomahlaya ngoba ugcine esekwazi ukukhokhela izifundo zakhe.
Njengamanje uthe wenza iBTech kwi-Office Management and Technology eDUT. Kulezi zifundo uthe ugxile kwiLegal Practice.
UNdlebe usedlondlobele emahlayeni njengoba esezoba nomcimbi wakhe ehamba yedwa ozoba seDrama Theatre, ePlayhouse ngoSepthemba 20. Amathikithi alo mcimbi abiza uR200 ecomputicket. Ngenxa yokuzethemba uthe akapike muntu kulo mcimbi uzobe ehamba yedwa.