UHAMBELA phezulu umrepha odabuka eBergville kodwa osezinze eLindelani, eThekwini uBandile ‘Dr Bone’ Maphalala osanda kusayina isivumelwano sokusabalaliswa komculo wakhe emhlabeni wonke jikelele, yinkampani yase-USA, iWarner Music. UDr Bone uthe ujabule kakhulu ngoba wayengaziphuphi esebenza nenkampani ekuleli zinga.
“Ngezinye zezinto umuntu, ikakhulukazi odabuka emakhaya noma ohlala ezindaweni ezinjengoLindelani, ongazitsheli ukuthi zingenzeka nakuwe. Uma uzwa ngama-record label anjengo Warner, ngeke wazitshela ukuthi ungagcina usebenzisana nabo noma umculo wakho ugcina usabalaliswa umhlaba wonke. Lesi sivumelwano enginaso manje neWarner siyithokozisa kakhulu inhliziyo yami ngoba singinika ithuba lokwenza engikuthandayo ngomculo wami. Umhlaba wonke uyogcina ulazi igama likaDr Bone.”
Ubonge uNkulunkulu namadlozi ngesipho amnikeza sona.
UDr Bone ngomunye wamaciko azobe eshiyelana inkundla kwi-Osindisweni Fun Run & Youth Celebration ezinkundleni zemidlalo zasoSindisweni eNdwedwe ngoJuni 23 phakathi kuka-8 ekuseni no-4 ntambama. Phakathi kwamaciko azobe enandisa kulo mcimbi kubalwa noShantel, Bella Meihn, DJ Lenny, AmaJuniya nePushers. Uhlelo luzobe luphethwe ngumsakazi weZwi Lomzansi 98.0 FM, u-Andile ‘MC Pholobas’ Ngcobo.
Echaza uDr Bone uthe lizoguqula amafu livele lidume emini izulu ngenxa yamanoni akhe afana nelithi Kudum’Izulu, Fak’Umoya alenza nesilomo somculi kamaskandi esingasekho uMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa elithi Noma Bengakhuluma.
“Ngizokhipha amangwevu wodwa. Ngizobuye ngibazwise okokuqala ngqa ezinye izingoma abangazilindela kwicwecwe lami engisalipheka estudiyo njengamanje.”
UDr Bone useke wasebenza nabaculi abahlonishwa kakhulu kuleli nasemazweni angaphandle njengoZakwe, Mzulu, Lungelo, Mbijana, Stonebwoy (Ghana), Endia (Nigeria), Chopstix (Nigeria), Eva Alordiah (Nigeria) nabanye. Waqala ukungena kwezobuciko ngesikhathi ejoyina iqembu lomdanso wesipantsula, Amarafifi ngeminyaka yo-2000. Lathi uma lihlakazeka leli qembu, uDr Bone waqala ukubhala izingoma ze-hip hop, ebukela kakhulu kumrepha wase-USA, u50 Cent.
Ngo-2013 uDr Bone waqopha umucu wakhe wokuqala osihloko sithi Fak’Umoya, okuyingoma eyamfaka kakhulu ebantwini kangangoba yaze yagcina seyiyibika lohlelo lukaNjinji Magwaza oKhozini
ngoMgqibelo.
Ngalowo nyaka, uDr Bone wakhala wemuka nomklomelo weBest Vernacular Hip Hop kumaSatma Awards. Ngo-2014 lo mrepha wamenywa emcimbini waseGhana i-Osibisa neBecca. Ngonyaka olandelayo wanandisa kwiCMJ Music Marathon eNew York e-USA futhi wadlulela MIDEM Artists Accelerator eFrance. Wadlulela kwiBayimba International Festival of the Artists e-Uganda naseNamibia ngoDisemba 25, 2015. Ukuze abe nobudlelwane neWarner Music, uDr Bone ubonga uSphe Mbhele ngokumhlanganisa noSeymor Stein kwiKZN Music Imbizo.