UMREPHA uChad da Don obengamathe nolimu nomculi we-Afro Pop uKelly Khumalo uthi inhliziyo yakhe isebuhlungu ngokuhlukana kwabo.
UChad uphumele obala ngokuhlukana kwakhe noKelly engxoxweni nephephabhuku iDrum lapho aveze khona ukuthi basazwana nalo mculi.
“Sihlukene kodwa alukho olubi phakathi kwethu. Umyeni wakhe ukhona la ngaphandle nami ngizoyithola inkosikazi ngelinye ilanga. Ngidlule ezimeni eziningi, ukuthandwa uKelly kungelaphile. Inhliziyo yami ibuhlungu kodwa abukho ubuhlungu uNkulunkulu angakwazi ukukwelapha. Sibe nento enhle noKelly kodwa manje isiphelile,” kusho uChad ekhuluma naleli phephabhuku.
FUNDA: Ligqashukile igoda kuKelly Khumalo noChad
UChad uveze ukuthi benoKelly bahlanganiswa umoya nabakholelwa kukho, kodwa ngeshwa yikho futhi okwabahlukanisa.
Ilungu lomndeni kaChad elacela ukungadalulwa likhuluma neSolezwe NgeSonto ngalolu daba ngeledlule lakuchitha ukuthi laba bahlukaniswe ukuthi uKelly uthwasela ubungoma.
“Asizazi lezi zinto zamadlozi kodwa ngokwazi kwethu ngesikhathi beqala ukuthandana idlozi lamamukela uChad. Abahlukaniswanga yilokho,” lasho kanje.
Laba baculi badonse amehlo abantu abaningi nyakenye ngesikhathi kuvela ukuthi bayathandana kulandela ukusebenza kwabo ndawonye kwimusic video yeculo likaKelly. Izithombe zabo bendawonye bebezifaka ngokukhululeka ezinkundleni zokuxhumana kangangokuba uChad wafaka isithombe sabo bendawonye nezingane zikaKelly ngokhisimusi. Ukunyamalala kwalezi zithombe emakhasini abo yikho okususe izinsolo zokuthi kuphelile obekubahlanganisa.
UKelly akakaphawuli ngalolu daba njengoba engathandi ukukhuluma ngezindaba zakhe zangasese nabezindaba.