UZOLUGUBHA ngefilimu yamahlaya eneziwombe zocansi usuku lokuzalwa usomahlaya uCeleste Ntuli njengoba elingisa phambili kwiLooking For Love, ezoqala ukukhonjiswa emaCinema ngo-Agasti 24, nonyaka.
UCeleste uthe uzalwa ngo-Agasti 25. Kule filimu udlala indawo kaBuyi oneminyaka engu-38, ophoqwa ngabazali bakhe ukuthi athole indoda ngoba izinto zakhe azihlangani.
Uthe noma engeke adalule okuningi ngefilimu kodwa zikhona iziwombe zocansi futhi kumjabulisile ukuba kuyona. Izoqala ukukhonjiswa ngenyanga azalwe ngayo.
“Akuzobabazisa abantu ngoba yonke into yenzeka ngenhlonipho ukucabangela ababukeli kulezi ziqephu zocansi. Engingakusho nje ukuthi nami ngiyaqala ukulingisa lokhu engikulingisa kule filimu,” kusho uCeleste.
Uthe noma kunjalo kodwa abantu bazoyijabulela kakhulu ngoba ifilimu egcwele amahlaya.
Abanye abalingisi ababoshelwe kule filimu kukhona uTrevor Gumbi, Phindile Gwala, Lillian Dube, Allen Booi, Craig Urbani, Tayo Faniran, Ntobeko Madlingozi, Isaac Gampu, Keneilwe Matidze noFadeen Mia.
Ifilimu iqala ngesikhathi uBuyi enza izinto ezibhedayo emshadweni kadadewabo omncane ngenxa yokuthi usuke esephuzile.
Abazali bakhe baze basole ukuthi wenza lezi zinto ngenxa yokuthi akanawo umsebenzi osile awenzayo, yingakho enake utshwala aze abahlambalaze phambi kwabantu. Ngenxa yalesi sizathu bagcina sebemthethisa bemtshela ukuthi kumele azinake aphinde athole nendoda ezomshada. Ingcindezi yabazali bakhe yokuthi athole indoda, igcina isimenze wathatha isinqumo sokuthi abuyele KwaZulu-Natal ngethemba lokuthi uzoyithola khona indoda ezomshada. Uma efika kulesi sifundazwe ucela umngani omuhle kunaye uLindi (Phindile Gwala), ukuthi amtholele indoda. Umngani umfunela indoda kodwa ngebhadi ugcina ethole iciko elenza imilingo nelithanda ngokudlulele ukuya ocansini nezintokazi ezinezinqe ezinkulu. Lokhu kuyamcikayo uBuyi. Ngenxa yokuziphatha kwale ndoda, uBuyi ugcina esecikeka alahle nethemba lokuthi uzomthola umaqondana. Lokho kumenza agcine ehleli engenandoda ngethemba lokuthi izogcina iqhamukile ezomthatha.