UMLINGISI womdlalo Isibaya, uCeleste Ntuli, ophinde abe ngusomahlaya, kusuka namhlanje uzobonakala emdlalweni iLockdown, ozokhonjiswa kuMzansi Magic ngo-8 ebusuku.
UCeleste ngomunye wabalingisi obekufihliwe ukuthi bazobonakala emdlalweni. Ngesikhathi kuthunyelwa isitatimende kwabezindaba igama lakhe kalivelanga.
Uzolingisa indawo kaNkk Lindiwe Cebekhulu, udadewabo kaBeauty (Slindile Nodangala).
Esiqephini sokuqala ebesikhonjiswa okokuqala ku-1Magic ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku kuzobonakala uDeborah(Pamela Nomvete), ebhekene nabaphathi bakhe ngezinkinga zejele angumphathi walo.
Abaphathi bakhe bazomsusa esikhundleni akuso ngenxa yokuthi ijele iThabazimbi linezinkinga.
UBeauty uba yimbangela yokususwa kwakhe esikhundleni ngenxa yokuthi utshela abaphathi bakhe ukuthi uDeborah unobudlelwano neziboshwa futhi kuningi abakwenzayo okungekuhle.
Abaphathi bayamsusa uDeborah esikhundleni bafake uBeauty.
Ngobusuku bangalolo suku asuswe ngalo esikhundleni uBeauty udutshulwa wuDeborah.
Kuphela ithemba kuDeborah lokuthi uzobuyela esikhundleni sakhe sokuphatha ijele uma abaphathi bakhe baqoka uLindiwe Cebekhulu ukuthi abambe kuso.
Lokhu kumshiya ephatheke kabi futhi kumthuse uDeborah uma uLindiwe emtshela ukuthi uyazi ukuthi nguye obulale udadewabo futhi uzomenza azisole ngakho.
Isizini yesithathu yomdlalo ibophele osaziwayo abahlukene okukhona kubo uDineo Ranaka, Dineo Nchabeleng, Mmabatho Montsho, Thembi Nyandeni, Khulu Skenjana noTichina Arnold.