INTOKAZI eyazakhela igama ilingisa emdlalweni iThe Queen neyashiya ababukeli bomdlalo bephatheke kabi emuva kokudutshulwa ishada noShaka, uCeleste Khumalo, usejoyine umdlalo iGenerations: The Legacy.
UCeleste uzoqala ukubonakala emdlalweni ngoJulayi umlingiswa wakhe kuwuBulelwa Jafta.
Okhulumela iGenerations, uNandipha Pantsi, uthe uCeleste uzobe engummeli olwela amalungelo abantu.
“Le ntokazi isibonakale ezintweni eziningi kwezikaqedisizungu. Asimangali ukuthi kuningi okuhle ezofika nakho ukuze umdlalo uqhubeke uye phambili,” kusho uNandipha.
Uthe izofika emdlalweni iqashwe uSmanga Moroka ukuze imsize aphume esimeni esingesihle futhi esibucayi.
“Uyintokazi ephuma emndenini odumile futhi owaziwa ngokuba namandla ezintweni eziningi. Ukhule kahle, impilo kuye ibilula konke ikuthola ngesikhathi asifunayo. Eqeda isikole ukhethe ukuyofundela ukuba wummeli elandela ezinyathelweni zabazali bakhe abanamabhizinisi kodwa yena akhetha ukungangeni kuwo afundele okunye,” kusho uNandipha.
Uthe yima abantu bezobona khona amandla ale ntokazi nokuthi yini ezoyenza idonse amehlo abalandeli bomdlalo.
“Akayena nje umuntu othatheleka phezulu, ubukeka kahle futhi uyakwazi ukuzikhulumela uma kukhona isimo abhekene naso,” kuchaza uNandipha.
UCeleste ungene kwiGenerations esuka efilimini okulingisa kuyo uPallance Dladla no-Amanda Du Pont, iShadows ekhombisa kuNetflix.