UPHINDE wakugcizelela ukuthi uzokwenza indumezulu yomcimbi enkundleni yezemidlalo yaseThekwini, iMoses Mabhida Stadium, kulo nyaka umrepha uCassper Nyovest.
UCassper, odabuka eMafikeng eNorth West, wamemezela ukuthi kulo nyaka uzoza eThekwini ezokwenza umcimbi wokugcwalisa iMoses Mabhida Stadium.
Wakusho lokhu ngemuva kokudayisa amathikithi alinganiselwa ku-68 000 emcimbini wakhe iFill Up FNB Stadium ngoDisemba 2 ngonyaka odlule.
Emcimbini abenandisa kuwo okokuqala eThekwini kulo nyaka obuseYadini Lounge, uCassper utshele izethameli ukuthi uyalithanda leli dolobha.
“Ngicabanga ukuthi ngizoshadelwa kuleli dolobha, madoda, ngiyalithanda leli dolobha,” kusho uCassper.
Utshele abantu ukuthi nakanjani uzowenza umcimbi wakhe eMoses Mabhida Stadium. Uze wabenza ukuthi bacule bathi “Moses Mabhida, Moses Mabhida”.
Abantu baculele phezulu bekhombisa injabulo wathi bazohlangana khona enkundleni ngasekupheleni konyaka.
Kuzobe kungokokuqala ukuthi lo mrepha wodumo lwezingoma ethi Doc Shebeleza, Tito Mboweni, Destiny nezinye azame ukugcwalisa inkundla engaphandle kwaseGoli.
Waqala ngo-2015 enza iFill Up The Dome wagcwalisa iTicketpro Dome emumatha abantu abangu-20 000. Ngo-2016 udlulele e-Orlando Stadium enza umcimbi iFill Up Orlando Stadium, nyanyeke waya eFNB Stadium njengoba eseza eThekwini nje.
Umculi kamaskanda uKhuzani wamphonsela inselelo ngokuthi nguye ozoyigcwalisa kuqala iMoses Mabhida Stadium kulo nyaka.