Ezokungcebeleka

UCassper uphendula izinsolo zokuchithwa ohlelweni

Nokubongwa Phenyane|Published

UCASSPER Nyovest ongumethuli omusha wohlelo iThe Braai Show ezoqala kwiSABC 1, uthi akusekho ukuhlehlela emuva ngalo njengoba konke sekwenziwe. ISITHOMBE: TWITTER

UMREPHA wakuleli, uCassper Nyovest, uthi akusekho ukubuyela emuva njengoba uhlelo oselususe omkhulu umsindo luzoqala ngenyanga ezayo noma kanjani.

UMREPHA wakuleli, uCassper Nyovest, uthi akusekho ukubuyela emuva njengoba uhlelo oselususe omkhulu umsindo luzoqala ngenyanga ezayo noma kanjani.

Uthi akekho manje ongavimba ukudlala kwalo kwiSABC1 ngoSepthemba 8, yize kukhona abaphansi phezulu bezama ukulivimba.

UCassper ukusho lokhu ngemuva kokuthi uSABC1 ukhiphe isitatimende esithi uhlelo iThe Braai Show, luyabuya.

UCassper ube esethulwa njengomethuli walo omusha kulandela ukungabuyi kuka-AKA njengoba ayengumethuli walo luqala.

“Ngenze umsebenzi oncomekayo ngesikhathi ngiqopha uhlelo iThe Braai Show, sengikhokheliwe futhi nohlelo manje akukho okuzolumisa ukuthi lungakhonjiswa, konke sekumi ngomumo. Kuyahlekisa ukuthi kungani abantu belwa ngento esiqediwe ukwenziwa. Uma kuziwa kulolu daba mina angidingi mmeli njengoba konke sekungakimi,” kusho uCassper.

Uthe kuningi abazojabulisa ngakho ababukeli balolu hlelo uma seluqalile, nangangabazi ukuthi luzoba yinto ehlukile.

“Ngiyazi ukuthi ngisho seluqala kukhona abazobanga umsindo bethi angenzi kahle kodwa ngemuva kwalokho, konke kuzodlula impilo iqhubeke. Lona olokhu ethi uhlelo ngolwakhe (esho u-AKA) uzobona ukuthi luzokwenza kahle kanjani njengoba engeke akwazi ukulumisa manje,” kuchaza uCassper.

U-AKA kuvele ukuthi lolu daba uselunikele kubameli bakhe njengoba efuna lolu hlelo lungadlalwa.

Uphinde wathumela incwadi kuSABC ebatshela ukuthi bangaqhubeki nokuluveza ngosuku asebelumemezele.

Isolezwe lithumele imibuzo kwaSABC, baphawula ngokuthi akukho okuningi asebezokusho ngalolu hlelo, bakuqinisekisa ukuthi luzoqhubeka lukhonjiswe ngoSepthemba 8.