ININGI labantu lisebenzisa uFebhuwari ukugubha uthando baqhakambise nokuthandana.
Kwabaningi uFebhuwari yinyanga okuba sengathi uthando lwabo lungaphinde luvuseleleke luthele uju locansi olungasukumi phansi. Le nyanga nosuku lwayo (Valentine’s Day) siyigubha ngezindlela ezehlukene. Mina nje ngikhumbula ukuthi ngalolu suku ngomunye unyaka inkosikazi yami, uMaShezi, wusuku eyatheleka ngalo ekhaya kwaNxumalo ihamba nethimba lezintombi izoqoma udede, ngokwesiko lakithi.
Namhlanje sizoke sixoxe ngokuya ocansini okuba sengathi abaningi bakugubha ngendlela eyodwa. Ukuya ocansini njengoba ngake ngasho kuyindidiyela yebhodwe lwemizwa namavungu ayo le mizwa, okuyiyona ethungela izicubu kunanele amathambo namajoyinti akhona. Loku kuthungelana yikona okwenza ngisho ngabe usebenzisa liphi iphini lokuvuba kodwa umphumela kube wunqambhothi lomnkenenezo osho kuvume iziziba namawa ananele.
Lokhu akunakho ukuthi wena usebenzisa induku, ulwimu, izindetshana zowesifazane, iminwe nanoma yini nje wena othi ungayisebenzisa ukuze imbiza ivuthwe.
Nobude benduku, njengoba abaningi bekholelwa ekutheni kumele owesilisa abe nenduku ende ukuze akwazi ukuvuthiswa imbiza yocansi.
Futhi akuhlangani nokuthi wena wesimame okanye wesilisa unomzimba owengezekile, okanye usumdala ngokweminyaka.
Mangisho futhi ukuthi akuhlangani nokuthi umgudu wowesifazane uvuleke waphinde wamude kangakanani.
Ngisho konke lokhu okungenhla ngoba lezi kuba yizaba ezibekwa ngabantu ngokwehlukana ngenxa yokuhluleka ukuqonda amavungu emizwa adidiyelelwa ukuya ocansini. Asikuqonde ukuthi umzimba ulawulwa yimizwa nocansi lulawulwa yimizwa. Zonke izicubu zinemizwa, ngisho ngabe sifushane isicubu okanye side. Zonke zinemizwa futhi le mizwa yakheke ngokufana. Ayikho into ethi ngoba wena unenduku emfushane, okusho ukuthi indalo izoyikhipha imizwa ethile iphinde ishintshe nezicubu ezithile. Induku iba mfushane uma ingaphansi kuka 4.5 cm uma ingavukanga; ambalwa kakhulu amadoda anenduku eyilesi silinganiso.
Esikhathini esiphambili senza uphenyo lwethu, sathola ukuthi maningi kakhulu amadoda anezinduku ubude bazo obunesilinganiso esemukelekile. Mangiphinde ngicacise ukuthi ubude benduku bubalwa ukusuka ethanjeni lapho kunamathele khona induku; asibali sisuke eziboyeni okanye esikhunjeni. Okusho ukuthi uma ufuna ukwazi ubude benduku yakho, thatha intambo okanye noma yini okala ngayo, ucindezele kufike ethanjeni bese uyakala ke. Into edingwa ngamadoda wukuthi izinduku zawo zibe banzi ngokwanele, hhayi ubude. Ukuze wazi ukuthi ububanzi benduku yakho banele yini, sathi thatha le ndawana ephakathi eyiphepha lokuzisiza endlini encane; kumele induku yakho uma ibanzi ngokwanele ingakwazi ukungena kule mbobo uma ivukile. Uma izingenela nje, sondela kudokotela wakho akusize.
Ngicela ukubuyela emnyombeni wanamhlanje, okuyimizwa namavungu ayo ocansini. Ngicela wonke umuntu ayiqonde le nto ukuthi ukuya ocansini kuba mnandi uma imizwa yenu ibambisene ngokwanele. Yonke indawo emzimbeni inemizwa, nayo imizwa iyehlukahluka nangokwakheka kwayo, nanokuthi ikuphi nendawo. Kunomuzwa omkhulu osuka emazansi neqolo ohamba ushophele ezinqeni, bese uhlukana phakathi omunye umucu uye endukwini omunye uye esakhiweni sobulili besifazane, bese omunye ushosholoze uye engxenyeni yokuya ngaphandle. Omunye owayesifundisa wayethanda ukuthi ngenxa yokuthi izimpande zale mizwa zinye, yingakho abanye bengezwa mshini ngokwenza ucansi embotsheni engemuva.
Le mizwa iyehlukahlukana njalo ukuze ingene kuyo yonke imigudu yenduku okanye yobulili besifazane. Imizwa iyakwazi ukusabalala njengoba sesishilo, iphinde iqoqane ibe ngamavungu aqopheke ngezindlela nokunotha okwehlukene. Yingakho uyaye uzwe abanye bethi ngithanda ukuthintwa ezindaweni ezahlukene.
Masingeluli kakhulu. Angithi abantu ngokwehlukana kwabo, nangokuhlukana kokwakheka kwemizimba yabo imizwa yabo iqoqeka ngokwehlukana. Ngicela ucabange umuntu wesifazane onomzimba othe xaxa nalowo omncane ngokwakheka. Bese uzibuza ukuthi kwakwenziwa yini obaba bakudala bathande ukushadwa ngabantu abanomzimba omkhulu. Futhi babehlala nabathandana nabo nasemshadweni. Ngiyaye ngizwe abantu bezikhulumela nje bethi abesilisa babebathanda ngoba bethi babekhombisa impilo; angicabangi ukuthi impilo kwakuyinto eyayibalulekile ngaleso sikhathi kangangokuba yayiba yindlela yokukhetha umlingani wesifazane. Impilo engicabanga ukuthi babekhuluma ngayo yilena yokuya ocansini. Ngike ngabuza kobaba abadala abaningi ngalokhu, bonke bangitshela into eyodwa ethi, abantu abanomzimba othe xaxa bayashisa bhe uma kuyiwa ocansini.
Mmmm, ngempela? Ake ucabange, umuntu wesifazane onomzimba kusho ukuthi unezicubu ezinkulu. Kuyalandela ukuthi nezicubu zakhe zocansi, zinjani? Zinkulu. Okwenza phela kushise ocansini wukunyakaza kwezicubu, zisho zisondelana zibambe induku. Uma izicubu zinkulu lokhu kuzokwenzeka, kanti uma zizincane kuyokwengezeka ukushisa kuphela uma izicubu zesitho sowesifazane zisaqinile okanye uma engumuntu ozivocavocayo lezi zicubu. Uma sikhuluma ngokushisa ocansini, sisuke singasho ukushisa okuzwa uma induku ingena emgudwini wobulili besifazane, cha. Phela kuwo wonke umuntu kumele ishise ngenxa yokuthi induku ngokwakheka ihlala ipholile, kanti ubulili besifazane buzihlalela bufudumele ngenxa yokusebenza komzimba. Owesifazane onomzimba aphinde azivocavoce izicubu zakhe zocansi, umele wukushisa kakhulu ocansini.
Kukhona abantu abathanda ukuthi kukusizaphi ukugcwala, abanye bathi ukupakisha, ube nezindawo zokubambelela uma ungumuntu wesifazane ngoba isitho sowesifazane siyefana noma ngabe upakishile okanye ume waqonda nje? Yebo kuyiqiniso ukuthi ukwakheka kwesitho kuzofana, okubalulekile ukuzibuza ukuthi izakhi zalesi sitho zimi kanjani? Okwesibili, owesifazane onomzimba lokhu kuchaza ukundlaleka kwemizwa namavungu ayo. Okusho ukuthi owesifazane opakishile noma onesisu, ngenxa yokundlaleka kwemizwa namavungu ahambe akheka; uma nithintana ukuheleza nokugiya kwemizwa kuzoqala laphaya kuze njalo kuze kuyofika endaweni. Isisu, amathanga amakhulu, izindawo zokubambelela, amabele athe xaxa; uyabona lapha ukuthi umzimba wesilisa uzoqale uthinte ezindaweni ezilena nalena ngaphambi kokufika esithweni. Lokhu kuchaza ukudidiyeleka kwemizwa namavungwana ayo kusuka lapho kuthintana khona, sekuhlasimulisa umzimba wonke kowesilisa nakowesifazane; uthi ufika nje le, sekuyaviliyela sekuthi awuthi lungu phela. Kumuntu omncane ngokomzimba, umehluko wukuthi lezi zindawo esikhuluma ngazo okudlulwa kuzo zimbalwa. Ngizama ukuveza ukuthi kumuntu onomzimba uyaphoqeleka ukuvunguza ezindaweni ezithile ngaphambi kokufika emphelandaba; lokhu kwenza umphumela wehluke, ube wusukasambe wocansi into eyoze ilahlwe.
Ngifisa ukukushiya nanakhu okuncane:
Ocansini kusebenza imizwa nezicubu, ukwakheka kwemizimba yenu nokusebenzelana ekunisizeni nina.
Induku yakho yinde ngokwanele, wena awukale ububanzi bayo; uma kushoda yiya kudokotela wakho.
Kwesinye isikhathi uyaye uzwe abesifazane sebegula emuva kokuya ocansini, bese bethi uma bebuza abathandana nabo bavele bathi mina angiguli ndawo nje endukwini, pho wena ukuthathaphi? Akhohlwe ubabazi ukuthi nguye owayefaka iminwe engcolile enamagciwane mhlawumbe nenduku eyayizingcolele nje.
Mbuze umlingani amavungu emizwa yakhe maningi ngakuphi, yikuphi lapho ezwa kumnandi kakhulu uma ethintwa khona? Uma usuwazi musa ukusuka izithonto ube phezu kwayo, qala laphaya uze kancane kancane kuyo.
Abesimame abayeke ukuvula imilenze kakhulu. Benza izindonga zingathinteki kalula futhi bangenisa umoya ongaba nanamagciwane. Umgudu wakho uzophola kwesinye isikhathi kubangeke umsindo ongajwayelekile ngenxa yalo moya osuvaleleke ngaphakathi. Uma umlingani ethi muvulele kakhulu, usuke ezwa ubumnandi; wena lobu bumnandi kudingeka ubusondeze kuye, hhayi ubudeduse.
Amathanga amahle nabukekayo kwabesifazane awasho nakancane ucansi oluwunqambothi.
Kukhona abesifazane abaqale bekhiphe okusamchamo uma beya ocansini ngenxa yokudaleka kwabo. Lokhu kuthiwa yishawa yasemazulwini ngaphambi kokuthi bafike kuvuthondaba.
Ukuya ocansini wumlabalaba wemizwa nezicubu, udlale kahle ungawenzi isehla.
Ngifisela wonke umuntu kule nyanga ubumnandi bodwa obuyokhumbuleka nsuku zonke.
Mpilonde