UKUTHAKASELWA kwegqom’ kwenze umculi osekunesikhathi agcina ukukhipha i-albhamu, uShota, ajoyine abayenzayo.
UShota wagcina ukukhipha i-albhamu
ngo-2016, eyayithi Dancing in the Sun engenzanga kahle njengesikhathi ekhipha eyokuqala i-Afro Rawmantic.
Ngemuva kwalokho ukhiphe ezihamba ngazodwa. Muva nje kunenye apikwe kuyo nguDr Moruti.
“Sengiyaqeda ukupheka i-albhamu entsha futhi izophuma maphakathi nenyanga ezayo. Ingoma engizoyikhipha kule nyanga isikhona kodwa uyazi, ingoma ithatha mhlawumbe amasonto amathathu ngaphambi kokuthi ingene kahle kubantu,” kusho
uShota.
“Isitayela sesishintshile. Ngigijima ngesitayela esikhona manje. Ngeke kungisize ukungahambisani nesikhathi. Uma umculo ushintsha nami kumele ngishintshe.”
Uthe unokwethemba ukuthi abantu bazoyithakasela.
“Igqom’ ngumculo womdanso, okuyinto ebengiyenza. NgingowaKwaZulu-Natal, igqom’ yinto yasekhaya. I-albhamu inezingoma ezingu-10 okusha isigubhu kuzo,” kusho uShota.
Uthe usebenze noSparks Bantwana, Mizz, Dr Moruti, Cuebur nabanye.
“Kukhona nomculi omusha waseNanda uBongani Mthembu kodwa obizwa ngoBongs, ocula ikwaito engimpikile ngoba ngiyamethula kwazise usayine enkampanini yami, iShota Music,” kuqhuba uShota.
Uveze ukuthi into emenza ahambisane nesikhathi yingoba ufuna abalandeli bakhe bazi ukuthi usebuyile.
“Abalandeli bami beqiniso bangilindile ngoba bengisenza okubalulekile endimeni yokuba wubaba ekhaya. Bengikukhumbula ukuba sesiteji kodwa ikhaya libalulekile. Manje ngibuyile futhi ngizonikeza abantu abakudingayo.”