umpheki wakuleli uSiba Mtongana
UHLOMULE ngendondo yesihlanu e-US umpheki wodumo wakuleli, uSiba Mtongana.

USiba udume ngezinhlelo zokupheka kuthelevishini nangokuphekela osaziwayo bamazwe ngamazwe.

Lo mpheki uphume phambili kwiNew York Festival & Film Awards lapho bekuhlanganiswe khona ongoti bemikhakha ehlukene okubalwa abalingisi, abamaqophamlando, abethuli bezinhlelo zethelevishini neminye imikhakha.

Abalelwa ngaphezulu kuka-50 amazwe asuke ehlanganiswe ngaphansi kwalezi zindondo. Kulezi zindondo uthole i-silver medal ngaphansi komkhakha wezokungcebeleka.

Uhlomula ngale ndondo nje ubesevele enezinye izindondo ezine ezahlukene azithole kuleli lizwe ngokubuchule bokupheka kwakhe. - ANA