Ezokungcebeleka

Ubuya nobuso obusha umdlalo i-Housekeepers

Nokubongwa Phenyane|Published

U-ANDILE Mxakaza ozobonakala emdlalweni iHousekeepers eshaya ibuya kuMzansi Magic Izithombe: ZITHUNYELWE

USABUYA njengomlingisi ophambili emdlalweni iHousekeepers, uThando Thabethe kulo mdlalo oshaya ibuya kuMzansi Magic kusuka ngo-Ephreli 4, ngo8.00, ebusuku.

THANDO Thabethe

UThando uzojoyinwa abalingisi abasha kuphela kule sizini yesithathu okukhona kubo uGabriel Simphiwe Mini , Ernest Ndlovu, Andile Mxakaza , Noxolo Dlamini, Fezile Makhanya noZandi Nhlapho.

AbakwaM-Net bathe kuyinjabulo ukwethulela ababukeli balo mdlalo ubuso obusha.

“Lo mdlalo uma wawubuka ekuqaleni uzobona ukuthi kuba khona okuhlukayo kuwona kusuka ekuqaleni, nokuzobonakala kule sizini yesithathu. Lo mdlalo ungaphezu kokuba umdlalo ogcwele ubugebengu, ukhuluma ngezinto ezenzeka manje, ubheka okwenzeka emiphakathini esiphila kuyona futhi uthakaselwa abaningi kungakho sikhethe ukuwubuyisa. Lo mdlalo njalo uma siwethula ababukeli bashaya ihlombe bekhombisa ukuwuthakasela, siyathemba ukuthi le sizini yesithathu ngeke ibaphoxe,” kuchaza uShirley Adonisi.

Uthe eziqeshini ezingu13 ezizobonakala, kuzogqama uLinda (Thando Thabethe), eqhubeka nokuzama ukuthola ubulungiswa.

“ULinda wenza isithembiso kubulawa unina, ngakho kumele asigcine njengoba kumele amgcine evikelekile uMtho. Kule sizini uzobe edliwa unembeza kakhulu njengoba ahluleka ukuvukela uJune, ulwa ngakho konke ukusindisa umfowabo, nokumholela endaweni eyingozi. Kukhona konke ababukeli balo mdlalo ababukele ukuthi yini uLinda azoyenza ukuvikela abathandiweyo bakhe,” kuchaza yena.

Lo mdlalo uqoshwe inkampani i-Ochre Moving Pictures kanti abanye abalingisi abazobonakala kuwona kukhona uKenneth Nkosi, Connie Chiume noChichi Letswalo.