UBUNZIMA bokungena emculweni benze uLindo “Lindough” Sithole wenza izitayela ezahlukene zomculo ukuze asheshe athandwe ngabantu.
ULindough, owayeyilungu leqembu lekwaito elalisebenza noDJ Cleo, iTeadybears, usecula ngokuzimela.
Usayine esitebeleni sikaDJ Merlon, iGreyman Music. Unengoma ethi Ladies Housee didiyelwe nguCatzicco ngokubambisana noMondli Ngcobo.
Uthe kuyamjabulisa okumehlele, ukwenza into ethandwa ngabantu njengamanje futhi ayizwa ngaphakathi.
“Umculo wami uhlanganisa isicathamiya ngoba ngikhule ngisenza esikoleni, i-house negqom’. Ngingathi nje ushaya ngesigqi sase-Afrika,” kusho uLindough.
Uthe phambilini wayecula ikwaito ngesikhathi esekwiTeadybears okuthe uma esezimela ngo-2015 wenza i-hip hop.
ULindough (29) waKwaVala, Estcourt, uthe ubone ngoMerlon emthumela umyalezo ezinkundleni zokuxhumana, ecela izinombolo zakhe.
“Wangitshela ukuthi ufuna sisebenzisane ngoba ubona ngithembisa. Asichithanga sikhathi sangena estudiyo. Manje ngisebenza enkampanini yakhe, iGreyman Music ngoba phambilini bengizihlanganisela.”
Uthe kumanje uhlanganisa i-albhamu ezophuma kulo nyaka.
Lo mculi, ozakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngama-video nendodana yakhe eneminyaka emihlanu uValdo, uthe umculo wakhula ewuthanda. Ngaphambi kokungena kuwo uthe wayedlala ibhola.
“Kwathi kushona ugogo wami ngathutha ngayohlala eNtuzuma iminyaka emine. Ngo-2001 ngihambe ngaya eGoli ngidlala enkulisa yeWits, Platinum Stars (eyadayiswa yaba yiCape Umoya United) neSupersport United. Ngagcina kodwa ngigxila emculweni ngoba ngangiwuthanda, ngadansela uZola noMsawawa.”
Uthe ngo-2007 ujikeleze amazwe ahlukene nemidlalo yeshashalazi ayelingisa kuyo ngaphambi kokubuya agxile emculweni.