ANYELWE inyoni esandleni amaciko akuleli uBusiswa noMoonchild Sanelly asebenzisane noBeyonce kwi-albhamu (soundtrack) yefilimu iThe lion King, ayiphe isihloko esithi The Gift.
NgoLwesibili uBeyonce ushicilele uhlu lwezingoma eziqukethwe yile albhamu ayenze nezinye izihlabani zaphesheya okubalwa kuzo uKendrick Lamar, Burna Boy, Pharrell, Jay-Z noChildish Gambino. Awasalanga ngaphandle amagama ezintokazi zakuleli uBusiswa noMoonchild Sanelly abaveze ukuthi kufezeke iphupho ngokusebenzisana noBeyonce.
“Anginawo amazwi okuchaza injabulo ngokuba ngomunye wabakhethwe ukusebenza engomeni yefilimu iLion King, ngiqokwa umculi engimthanda ukubadlula bonke emhlabeni uBeyonce. Wonke umuntu ongaziyo noma oseke wangibuka ngikhuluma ezinhlelweni useke wangizwa ngithi ngelinye ilanga ngiyosebenza nale ndlovukazi! Bangihleka...buka ubani ohlekayo manje! Amaphupho ayefezeka,” kubhala uMoonchild ekhasini lakhe ku-Instagram izolo.
Lo mculi ngoLwesibili ubonge uBeyonce kutwitter ngokufaka yena nomngani wakhe omkhulu uBusiswa kule albhamu.
Thank u @Beyonce
U have me and my best friend @busiswaah on ur epic project!😭😭😭🙏🏿🙏🏿🙏🏿💙💙💙 #TheGift
No words can Express my gratitude and the fact that I’m still on a cloud
Don’t what can I do with myself🧜🏾♀️ but🧜🏾♀️ say Thank u💙 pic.twitter.com/77tB7THM61
— Moonchild Sanelly (@Moonsanelly) July 17, 2019
UBusiswa naye uzwakalise ukujabula kwakhe ngalezi zindaba wabongela noMoonchild.
“Ngiyakubongela Moonchild, ngiyazi lolu suku lusho lukhulu kuwena. Sengike ngakubona uhluleka, uphoxeka unalo ithemba, manje sekuyisikhathi sokuthi iThe Gift ikuthathe ikubeke endaweni ekufanele,” kusho uBusiswa ekhasini lakhe ku-Instagram.
Amaciko akuleli muva nje asephenduke inyama kumaciko aphesheya. Amaciko okubalwa kuwo uSjava, Saudi, Babes Wodumo noMampintsha basanda kungena kwi-albhamu yefilimu iBlack Panther eyaphrojuswa umrepha ophambili uKendrick Lamar.
ILion King, eyenziwe kabusha, izoba sema-cinema kuleli ngoJulayi 19.