UYAQALA ukubonakala namhlanje emdlalweni Imbewu uBuhle Samuels owazakhela igama elingisa indawo kaMatshidiso kuMuvhango.
UBuhle ushiye kuMuvhango ekuqaleni konyaka wathi ufuna ukugxila emculweni.
Emdlalweni Imbewu uzobe elingisa indawo kaZandile nokulindeleke ukuthi aphinde ashubise emndenini waKwaBhengu, yize kusenezinkinga zokuputshuka kwemfihlo ebigcinwe iminyaka.
Uphrojusa womdlalo, uMolefi Lebone, uthe bakujabulele ukuthi uBuhle abe nabo kwiMbewu.
“Uyintokazi enethalente eliyisimanga, ezoletha injabulo futhi imangaze ngezinto ezobonakala izenza,” kusho uMolefi.
Uqhube wathi uZandile ufike izinto zingahambi kahle kuZimele njengoba esanda kuthola imfihlo yomndeni emshiye enyonyile.
“Indawo yabo bobabili izodonsa amehlo abaningi uma sekucacela ngisho ingane encane ukuthi kukhona uthando olukhona phakathi kwabo kodwa kuzoba nzima ukuthi basondelane,” kusho uMolefi.
Uthe uZandile yintokazi enhle, ezaziyo izinto, eziphethe kahle, ebambisene nabanye futhi izimele, iyakwazi futhi ukukhalima uNgcolosi uma esenhlanhlatha.
UBuhle akuzoba wuye kuphela ozobonakala kwiMbewu. Isolezwe NgeSonto libike ukuthi uNatasha Thahane noMelusi Yeni nabo bakhonjwa kuwo.