UZOVELA emdlalweni Isidingo kuSABC 3 umlingisi waphesheya kwezilwandle oseNingizimu Afrika uKatherine Kelly Lang, osezakhele igama ngokulingisa emdlalweni owuchungechunge waphesheya, iThe Bold and The Beautiful.
UKatherine, odume ngelikaBrooke, ufike ngesonto eledlule eze emicimbini eyehlukene esePort Elizabeth azohlanganyela kuyo.
Ngokwesitatimende esikhishwe abeBold, uKatherine uzobonakala ngoLwesithathu nangoLwesine.
Okhulumela Isidingo, uYvonne Siphuka, uthe kujabule abalingisi abaningi bomdlalo ngesikhathi bezwa ukuthi uzoqopha iziqephu ezimbalwa nabo.
“Sikujabulele ukuba noBrooke Logan, igama asezakhele lona futhi iningi elimazi ngalo. Siyazi ukuthi abalandeli abaningi bazokujabulela ukumbona emdlalweni futhi bazoyijabulela nendawo azoyilingisaezinsukwini ezimbili,” kusho uYvonne.
Uthe kubona kusho lukhulu ukuvuma kwakhe ukubonakala emdlalweni.
Ukufika kwakhe akwehlanga kahle kwabaningi. Kukhalwe nge-SABC ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uletha uBrooke ngezindodla zemali ekubeni abalingisi bomdlalo Uzalo bengaholile.
Kodwa uSABC wazichitha lezi zindaba wathi akubona abamlethile kodwa kukhona abaxhasile.