UBONGE uNkulunkulu nabasakazi abadala athi eminyakeni ewu-30 esendimeni yokusakaza bakhathule indima enkulu u-Alex Mthiyane, oyisikhulu esiphezulu emikhakheni ehlukene emsakazweni Igagasi FM.
Uphinde athule izinhlelo okukhona kuzo iBusiness Indaba, Indaba yeSintu neSex Indaba.
U-Alex ungene emsakazweni njengentatheli eneminyaka engu-20, okuthe ngokuhamba kweminyaka emsakazweni Ukhozi FM, wethula uhlelo iVuka Breakfast Show.
AbeGagasi babungaze nale nkakha ezindlini zabo zokusakaza eCornubia, eThekwini, babuye bakhuluma nayo ngohambo lwayo kusukela yaqala emsakazweni.
Bathe kulo msakazo waba ngomunye wabasakazi bokuqala, ngesikhathi ethula uhlelo i-Alex and the Crew ngo-2006.
“Ngizizwa ngithobekile kakhulu ngokuba nohambo olufana nalolu emsakazweni. Ukuhlanganisa iminyaka ewu-30 akuyona into encane. UNkulunkulu ube muhle kimi, ngiyabonga kakhulu. Ngiphinde ngibonge nabalaleli abebelokhu behambe nami. Ngiyabonga ngokuthi baqhubeke nokungilalela nsuku zonke kuze kube manje,” kusho u-Alex.
Uthe kukhona izinkakha kwezokusakaza ezingasekho emhlabeni ezikhathule indima enkulu ohambweni lwakhe kuzo okukhona uMtholephi Mthimkhulu noWelcome “Bhodloza” Nzimande.
“Ngibabonga njengoba kimi bengabanga yisibonelo sokungikhombisa indlela kodwa bangifundisa okuningi bangixhasa, bangikhombisa indlela okuhanjwa ngayo kulo mkhakha bangenzisa izinto eziningi ukuze ngikhule. Kuzona zonke iziteshi zomsakazo nethelevishini ezike zanginika ithuba lokuthi ngisebenze nazo ngiyabonga ngoba ngalokho ngixoxe nabantu abahlukene abebefuna ukukhuluma izindaba zabo. Sawenza umehluko emphakathini. Kule minyaka ebengikwenza bengikuthanda,” kuchaza u-Alex.
Uthe usebheke phambili ukubona ukuthi yini ezolandela.
Abasakazi balesi siteshi babungaze no-Alex ohambweni lwakhe kulesi siteshi njengoba ephinde waxoxa ngalolu hambo ohlelweni lwasekuseni i-The Uprising, olwethulwa wuFelix Hlophe noMinnie Ntuli phakathi nezinsuku.