UZALO ngomunye wemidlalo esize intsha eningi yafeza iphupho lokulingisa.
Ngesikhathi umdlalo uqala, uqhamuke nenqwaba yabantu abebebasha endimeni okuhambe isikhathi bakhombisa ukukhula.
Ngalokho Uzalo kumele lunconywe.
Kuleli sonto ngike ngacabanga ukuthi empeleni kukhona owesifazane oqale indawo yakhe incane kuZalo kodwa sekuhambe isikhathi waduma.
Bengicabanga uNtombifuthi Dlamini, odume ngelikaMadlala kulo mdlalo.
Uqale eyilungu lesonto ebelibonakala ngaleso sikhathi kodwa manje lo mdlalo awupheli engavelanga.
Indawo ayilingisayo ike yaba ngundaba mlonyeni ngonyaka odlule ngesikhathi eshonelwa ngumyeni wakhe. Waphunyelwa yizizumbulu, ezagcina eziqolwe yisoka ebelithi liyamthanda uSbusiso (Simphiwe Majozi).
Njengoba kusanda kuqala isizini yesihlanu nje yalo mdlalo, indawo yakhe kubukeka ikhula futhi kucacela noma ubani ukuthi usahleli kulo mdlalo.
Ngibone kungcono kuleli sonto ngikhulume naye ukuze abalandeli bakhe bezomazi kangcono.
Ngibe senginxusa inkampani ekhuluma nabezindaba eyingxenye yalo mdlalo ukuthi ingixhumanise naye.
Akuphelanga zinsuku zingaki bangixhumanisa naye. Ungowesifazane onomoya ophansi futhi othanda ukuzihlekela.
Ungitshele ukuthi uzalelwe wakhulela Kwa-E KwaMashu.
Uthi ukhulele koninalume.
Ngiyazi le engizoyiveza manje ukuthi izomangaza abaningi.
Uyise kaNtombifuthi yingqalabutho eyazakhela igama emsakazweni wesiZulu uKhozi FM, uBongani “Kansas City” Mchunu.
“Ubaba nomama abashadanga, lokhu kwenza ukuthi mina nezingane zasekhaya singasishintshi isibongo kodwa ngizalwa uyena uKansas,” kusho uNtombifuthi ngamafuphi.
Le ntokazi ithi ukulingisa kuqhamuke isebenza emtholampilo.
“Imfundo yami ngiyiphothule Esibonelo High khona, KwaMashu. Ngiqede esikoleni ngathola lo msebenzi emtholampilo kwaze kwaba * -2014 kuqala Uzalo. Sasizihlalele nje nozakwethu ngesikhathi kuqhamuka umfana ethi bafuna abantu abazoba yingxenye yalo mdlalo abazohlala nje esontweni uma kuqoshwa. Safika kukhona abantu abangaphezu kuka-300 ababezozama inhlanhla mina ngakhethwa kubona okuyinto eyangijabulisa kakhulu. Indawo yami beyikhula usuku nosuku. Ngokuhamba kwesikhathi kwathiwa angibhalelwe engizokusho njengomama wasenkonzweni, kwathiwa ngizoba uMama uMadlala.”
Uthe ukungena kwakhe kulo mdlalo kumtakule osizini oluningi nomndeni wakhe. Uthe ubebhekene nezinkinga ngemuva kokushona kodadewabo nonina wasala ekhulisa izingane zabo.
“Kuyangijabulisa kakhulu ukuba yingxenye yalo mdlalo, kungifundise okukhulu ngokulingisa okuyinto engingasafuni ukuyiyeka. Njengoba sengikwazi nje ukulingisa sengilangazelele ukuthola ukuthola elinye ithuba kweminye imidlalo ukuze ngizokhula. Nabanye ozakwethu abakuwona lo mdlalo bangisize kakhulu bangicathulisa ngaze ngakwazi ukuzilungisa lapha nalapha uma sisebenza njengoba ngingakufundelanga ukuba umlingisi,” kuchaza yena.
Ngodaba lwendawo ayilingisayo emenze waduma ngokuqolwa imali abesilisa uthe iyisifundo kubo bonke abesifazane sokuthi kumele bababheke abantu besilisa ababasondeza eduze kwabo.
UNtombifuthi uthe naye wayenalo iphupho lokungena emsakazweni ngenxa yokuthi ukuzwa uyise esakaza kwakuhlwanyele okuthile ngaphathi kuyena.
Uthe ungumuntu onamahloni kodwa kwithelevishini uyakwazi ukuwafihla angacaci kubantu.
Uthe Uzalo wumdlalo omkhulu ake aba kuwona kodwa uke wathi xinti efilimini ethi Matolwane.
Kubalingisi athe ubukela kubona yize bebaningi kodwa uthi uLeleti Khumalo udlala indima enkulu kuye.
Uma esekhaya uthe uthanda ukuphekela umndeni wakhe ahlanze nomuzi.
Uthi akashadile kodwa unazo izingane ezimbili.
Uthe uyazifela ngeKaizer Chiefs nomculo ohlukene wakuleli.