UBONGA unina ngokumvimba eneminyaka engu-16 esefuna ukungenela uhlelo ama-Idols SA uZamagambu Memela (19), odume ngelikaXae kulolu hlelo.
UXae wasePinetown, uthe ngenxa yokuthi wayezazi ukuthi unethalente wacela kunina ukungenela lolu hlelo eminyakeni edlule.
Le ntokazi, ebalwa kwezinekhono elimangalisayo kulolu hlelo, ithe unina wayitshela ukuthi kumele iqede * -matric kuqala bese ingenela lolu hlelo.
“Ngiyajabula ngoba ngalinda kwaze kwaba yimanje. Ngiwumuntu osheshayo ukuzwela bese ngiyakhala. Kodwa njengoba sengifikile ohlelweni ngabona izingqinamba ezikhona nezinto ezikhulunywa abantu ezinkudleni zokuxhumana, ngiyabona ukuthi ngangingeke ngikubekezelele ngangiyoshiya phansi futhi ngihlale ngikhala,” kusho uXae.
Uthe ukubona esekwa abantu abehlukene kuleli kusho lukhulu kuyena.
“Ngisafunda okukhulu kulolu hlelo ngisho emajajini, lokhu akushoyo ngiyakuthatha ngikusebenzise.
“Konke lokhu okwenzeka manje kuyisiqalo sekusasa lami njengoba kungekho engicabanga ukukwenza kodwa ukuba umculi,” kuchaza uXae.
Kulolu hlelo uthe akekho ambuka asabe ngoba bonke benekhono futhi amakhono abo awafani.
“Akekho onekhono elifana nelomunye ongathi uma umuzwa ecula uthuke. Sisonke njengoba sisele ngiyafisa ukuthi siphumelele emculweni okuyinto esizifelayo ngayo,” kusho uXae.