Ezokungcebeleka

Ubonga ozakwabo uDenise ejoyina umdlalo weNetflix

Nokubongwa Phenyane|Published

UDENISE Zimba, ngomunye wabalingisi abasha abazobonakala emdlalweni okhonjiswa ngenyanga ezayo kwiNetflix, iHow to Ruin a Christmas: Baby Shower Isithombe: TWITTER

UMETHULI wezinhlelo obuye abe ngumlingisi uDenise Zimba-Schlitig, udalule ukuthi kusho lukhulu kuyena ukujoyina umdlalo weNetflix, iHow to ruin Christmas, isiqubulo salo nyaka sithi Baby Shower.

UDenise ulingisa indawo yentombazane eyiqola enguZama kanti umdlalo uzoqala ukukhonjiswa kusuka ngoDisemba 9. Ekhuluma ngokuba yingxenye yomdlalo uDenise uthe ozakwabo bamamukele ngezandla zombili, nokuyinto emenze wakhululeka.

“Kuyinjabulo kimi ukuthi ngibe yingxenye yesizini yesithathu yomdlalo. Uthando engilithole ngizoqala ukuqopha umdlalo lwenze izinto zaba lula. Ukuqopha kuhambe kahle kakhulu futhi sengifisa wonke umuntu ambone uZama, oyiqola othanda ukuphila impilo elula futhi uyazifela ngemali,” kusho uDenise.

AbakwaNetflix bacacise ukuthi akekho ozongena endaweni kaBusi Lurayi osanda kudlula emhlabeni. Bathe indawo kaBusi yasongwa ngesizini eyedlule futhi ubengeke abeyingxenye yesizini yesithathu.

Bathe kule sizini kuzoqhubeka kugqame imindeni emibili owakwaSello, nowakwaTwala ngoba izohlangana izobungaza ukuzalwa komzukulu wayo njengoba uBeauty (Thando Thabethe), ekhulelwe ingane kaSbu (Sandile Mahlangu).

“Izimfihlo, ukungezwani nokunye okuningi kuzoqhubeka kule mindeni emibili, nokuyinto mdlalo ogxile kuyona. Yize imindeni inobuhlobo obukhulu kodwa izinto ziyabheda uma nje kumele bahlangane babungaze izinto ezithinta izingane zabo ezishadene,” kusho abakaNetflix, esitatimendeni abasithumelele abezindaba.

Abanye babalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uClementine Mosimane, Charmaine Mtinta, Rami Chuene, Desmond Dube, Motlatsi Mafatshe, Trevor Gumbi nabanye.