UMLINGISI uNduduzo Zuma
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona, uma likhona yiliphi?
NZ: Mina alikho ibandla engikhonza kulona kodwa ekhaya ugogo wami ukhonza ebandleni lamaRoma Akhatholika.
NC: Ngabe ungumuntu okwazisa kangakanani ukubaluleka komkhuleko empilweni yakho?
NZ: Ngiyakholelwa kakhulu emandleni omkhuleko. Ngiyaqonda ukuthi uyinto emqoka kakhulu kangakanani empilweni yomuntu. Ugogo wami wuyena owangifundisa kakhulu ngokubaluleka komkhuleko empilweni yomuntu.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima oke wadlula kusona empilweni yakho, ombonga ngaso uNkulunkulu ngokukuqinisa ngesikhathi usabhekene naso? Uma sikhona kwakwenze njani?
NZ: Mina ngikhule kanzima. Ubaba washona, nomama ongizalayo naye wadlula emhlabeni ngaphambi kokuba ngenze u-grade 8. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi kuzona zonke lezo zimo ukwazile ukuthi abe nami angiqinise.
NC: Ngabe yini okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo empilweni yakho, eminyakeni emihlanu kumbe eyishumi ezayo futhi leyo nto isho ukuthini kuwena, ibaluleke kangakanani?
NZ: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu abe nami angigcine ngibonakale ngidlondlobala kakhulu emkhakheni wezokukulingisa. Ngifisa ukuthi ngigcine ngibe wumqondisi wemidlalo, okuyinto engiyilangazelele kakhulu.
NC: Ngabe kuwena kusho ukuthini ukuthola ingqayizivele yethuba lokulingisa emidlalweni emikhulu kamabonakude? Umbonga kangakanani uNkulunkulu ngalokho?
NZ: Ngijabule kakhulu ngomsebenzi esengikwazile ukuwenza emkhakheni wezokulingisa. Engikuthembayo nje wukuthi ngizobonakala ngikhula kulo mkhakha.
NC: Yini eyodwa ongathi umbonga ngayo uNkulunkulu akubusise ngayo empilweni yakho?
NZ: Ngiyambonga kakhulu ngokuthi kade ngilingisa ngaphandle kwaKwaZulu Natal. Kodwa manje sengibuyele ekhaya KwaZulu Natal njengoba sengilingisa kwiMbewu eqoshwa esifundazweni engizalwa kusona.
NC : Ngabe yiziphi izinto ezimbili uNkulunkulu ombongayo ngokukubusisa ngazo?
NZ: Okokuqala, yisipho sempilo engikholwa wukuthi simqoka kakhulu. Okwesibili, yikhono angibusise ngalo lokulingisa ngoba yilona kanye elingilekelelayo ukuthi ngikwazi ukuxosha ikati eziko.