UMETHULI weSelimathunzi kuSABC1, uKhanya Mkangisa, uthe uzizwa ehloniphekile ngokuthola ithuba lokulingisa emdlalweni wakuMzansi Magic othandwayo, iThe Queen.
UKhanya, owazakhela udumo ethula izinhlelo zabantu abasha kuYoTV, uqale ukubonakala kulo mdlalo ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mdlalo ukhonjiswa ngo-9 ebusuku phakathi nesonto kanti uKhanya udlala indawo ka-Akhona.
U-Akhona wavela esesibhedlela eyobhekwa wubabekazi wakhe uVuyiswa (Zandile Msutwana) noJerry (Shona Ferguson).
“Ngijabule kakhulu futhi ngizizwa ngihloniphekile,” kusho uKhanya ekhasini lakhe le-Instagram.
“Ngiyabonga kunina nonke ngothando lwenu,” kusho uKhaya.
Ukufika kwakhe kuvela ukuthi kusazoshubisa njengoba uThato (Xolani Mayekiso) ezobe esha amashushu ngaye kanti yena uzobe ezithandela uSchumacher (Vuyolwethu Ngcukana).
UKhanya akasilo ivukane kwezokulingisa njengoba eke wadlala kwiRockville, Isidingo, Zone 14, Z’bondiwe nakweminye imidlalo.
Khona manjalo, iyaqala ngoMsombuluko ozayo isizini entsha yomdlalo waku-1Magic, iThe River. Lo mdlalo uvuselelwe ukuthi uqhubeke isizini yesibili.
Kulo mdlalo kugqame kakhulu uLindiwe Dlamini (Sindi Dlathu) amanga akhe aze afaka uTumi (Larona Moagi) enkingeni.
Ngokwesitatimende, kule sizini entsha kuzobonakala ukuthi
uTumi uzowuhola yini umphakathi ukuthi uziphindiselele kuLindiwe.
Kulo mdlalo kukhona abalingisi abaphambili okubalwa kubo uHlomla Dandala, Moshidi Motshegwa, Presley Chweneyagae, Larona Moagi, Lawrence Maleka nabanye.
Omunye umdlalo okuqala kuwo isizini entsha wuZalo, ezoqala ngoFebhuwari 4. UNokuthula Mabika odlala indawo kaThobile usegcinile ukubonakala kanti abanye asebezonyamalala maduze nguNay Maps odlala indawo Mxolisi noGlen Gabela onguMfundisi uMdletshe.