UBONGA ithuba alinikwe isiteshi sethelevishini, iMTV, uLasizwe Dambuza (20), okuzothi ngoJanuwari 21,
ngo-9.30, ebusuku kuqale
uhlelo olukhombisa ngempilo yakhe i@lasizwe: Fake It You Make It.
Lolu hlelo luzokhonjiswa kuMTV, DStv (Channel 130).
Ekhuluma ngokuthola
leli thuba uLaziswe uthe, ujabule ngoba sekungokwesibili lesi siteshi simnika ithuba.
“Okokuqala ngisebenza nalesi siteshi ngangiyinxusa ohlelweni lwamahlaya iYou Got Got nokwaba wuhlelo olwangibeka la ngikhona
manje futhi ngisekude ukukhohlwa yinto
eyangenzela yona kule
ndima njengoba abaningi kuyilapho baqala khona ukunaka ithalente lami lokuthanda ukuhlekisa abantu,” kuchaza uLasizwe.
Uthe uyabona futhi ukuthi uMTV uphinde wakhetha yena ukuthi enze lolu hlelo oluzokhombisa ababukeli impilo yakhe.
“Lolu hlelo abantu bazolujabulela kakhulu
ngeke baze babe nemibuzo njengoba bezohleka isiqephu ngasinye.
“Kodwa zizoba khona iziqephu lapho bezokhala khona,” kuchaza yena.
Uphinde waveza ukuthi impilo yaselokishini eSoweto nokuyilapho ekhulele khona izophinde ivele kulolu hlelo kuze kube uyozimela esehlala yedwa eSandton.
Kulolu hlelo kuzovela umngani kaLasizwe ophinde abe ngumsakazi * -Ayanda MVP, umngani wakhe * -Ofentse Keswa nomfowabo uLungile Mcunu.
Uyise uMenzi Mcunu udadewabo uZonke Nkabinde nabo bazophinde bavele kulolu hlelo.