UPRINCE Kaybee, okungenwe ngengoma yakhe emisakazweni eminingi ku-2019, ubonge abantu ngokwesekwa futhi wabafisela izilokotho ezinhle onyakeni omusha.
UPrince Kaybee ohlukanise unyaka ngengoma ayishaya neTNS noBusiswa ethi Banomoya, ubekhuluma kwiGagasi FM lapho ingoma yakhe ebe khona phambili kwezingu-100 ebezidlala kusukela ekuseni.
“Ngiyabonga ukungivotela. Ngiyabonga kakhulu. Ngiyabonga ukungeseka. Ngiyanithanda kakhulu futhi nginifisela unyaka omusha omuhle sengathi ningathola imali,” kusho uPrince Kaybee.
Nakweminye imisakazo okubalwa kuyo iMetro FM, Ukhozi FM, Nongoma FM, Icora FM, Zululand FM, Radio 2000, Lesedi FM neminye iBanomoya yiyo edle umhlanganiso.
Imiyalezo yokumhalalisela ingene ilakanyana ezinkundleni zokuxhuma abanye bethi * -2018 kube wunyaka wakhe kwazise ubenanengoma eyashisa izikhotha ethi Club Controller ebe ngunombolo 14 kwiTop 100 yeGagasi.
Imizamo yokumthola ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni. Ubhale ekhasini lakhe leTwitter ukuthi akekho kuleli.
Uveze nokuthi kulo nyaka uzokhipha i-albhamu yakhe yesithathu.
“Shuuuuu kuzoba womunye unyaka omnandi. Ngidedela isingili yami iFetch Your Life esikhathini esingangenyanga kusuka manje ne-albhamu ephelele ebizwa nge #ReMmino,” kubhala yena kuTwitter.
UBusiswa uthe ujabule kakhulu ngendlela abantu abayithanda ngayo le ngoma.
“Ngiyabonga kuwo wonke umuntu oyivotele,” kusho yena.
Khonamanjalo, uManqonqo, olale isibili emncintiswaneni iSABC Summer Song nakwiGagasi FM ngengoma yakhe ethi Eyadini, utshele leli phephandaba ukuthi akanankinga nokuphuma isibili.
“Bengibona ukuthi umncintiswano ushubile kodwa bengikundele ukuthi ngibe wunombolo 1, yebo kodwa futhi anginankinga nokuba sendaweni yesibili ngoba vele yingoma emnandi ethandwa yiwo wonke umuntu,” kusho yena.
Uthe kulo nyaka uzokhipha i-albhamu ephelele “ezobe ikhombisa ukuthi * Manqonqo ubani, uphetheni”.