SISIKAZA ukusakaza esiteshini se-internet isilomo sikasaziwayo esasingumsakazi weMetro FM, uBonang Matheba.
UBonang washiya isigubhukane kwiMetro FM ngo-Ephreli wonyaka odlule ngemuva kwezinguquko ezinhlelweni, yena wafakwa noLerato Kganyago.
Ekhuluma esiqeshini sakamuva sohlelo lwakhe iBeing Bonang ku-1 Magic, uBonang uthe ubheke ukusakazela umuntu ongaphoqelekile ukuthi abe sekhaya ngempelasonto ukuze amuzwe esakaza.
Uthe abalaleli bakhe bahlale behamba ngaso sonke isikhathi futhi basabalele emhlabeni jikelele.
“Mhlawumbe i-podcast. Kodwa kuzomele idlale bukhoma ngoba ngiyazicabanga ngikhuluma noDavido ngosuku olulandelayo kube uWizkid, Naomi Campbell,” kusho uBonang.
Imizamo yokumthola izolo ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga. Nabaphathi bakhe beCelebrity Services Africa kushaye isikhathi sokushicilela bengayiphendulanga i-email abathunyelelwe yona.
Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhe bahlala bebhala bethi kumele abuyele ekusakazeni.
“Abantu abangesekayo bahlale bekhala bethi angibuyele emsakazweni, manje ngizama ukuthola indlela yokwenza lokho,” kuchaza uBonang esiqeshini.
Uthe ufuna indlela engeke ikuphazamise ukuba matasa kwakhe lapho ekwazi khona ukuhambela izindaba kodwa aphinde aqophe nohlelo lwakhe.