UYOKWENZA adume ngazo e-India usaziwayo walapha eNingizimu Afrika uBonang Matheba, oyohola isigcawu esizodingida udaba lokulingana ngokobulili iWe See Equal Gender Equality kusasa.
UBonang osezakhele igama ngokuphatha imicimbi emikhulu emhlabeni, uyobambisana nosaziwayo bamazwe ngamazwe okubalwa kubona umlingisi waseBollywood uRicha Chadha, umlingisi wase-Egypt uTia T Gordon, uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka weNhlangano yeZizwe nabesifazane abavela emikhakheni ehlukene yempilo.
Kulesi sigcawu kuzokhulunywa ngezingqinamba abesifazane abancane nabadala ababhekene nazo nezenza impilo yabo ingabi nenqubekela phambili.
“Ngingumuntu wesifazane onentshisekelo yokubona abantu bephathwa kahle nangokulingana. Ngiyathanda ukuba ngomunye wabenza isiqiniseko sokuthi kuhlelwa amathuba alinganayo nekusasa eliqhakazile kwabesifazane. Kuyangijabulisa ukuba yingxenye yesigcawu esizokwazi ukusiza izingane zamantombazane nabesifazane jikelele,” kusho uBonang.
Lesi sigcawu sisingethwe yiP&G ngokubambisana nophiko lwabesifazane kwiNhlangano yeZizwe eMumbai, e-India.
UBonang ulifulathele ngoLwesihlanu elakuleli. Utshele izinkumbi zabalandeli bakhe ngalolu hambo lwakhe, waveza nokuyi uyaqala ukuyobeka unyawo e-India.