UPHUPHUMA yinjabulo usaziwayo okhiphe ingoma yakhe yokuqala ngoLwesihlanu.
UBoity Thulo ungusomabhizinisi, uwumethuli wezinhlelo aphinde alingise uveze ikhono ebelingaziwa lakhe lokushaya umculo we-hip hop.
NgoLwesihlanu ingoma yakhe yokuqala ahambisana nesihlabani uNasty C kuyona ethi, Wuz Dat, ibe sematheni iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana lizwakalisa ukuyithokozela.
UBoity uthe kade azi ukuthi unalo ikhono lokushaya umculo ikakhulukazi owe-rap.
“Bengivamile ukuziculela lolu hlobo lomculo, ngaze ngabona ukuthi kuhle ngiqunge isibindi ngihlanganise eyami ingoma, laziwe ikhono lami,” usho kanje.
Uthe ngale ngoma ubeqala ukuba nengoma ephelele. Ekuqaleni ubejwayele ukulingisela abaculi abadumile ezingomeni zabo.
Ubonge uNasty C ngokumeseka nokumsiza ngezindlela eziningi emkhuthaza kwaze kwafika usuku lokuthi iphume le ngoma ngoLwesihlanu.
Uchaze ingoma yakhe njengehambisana nesikhathi samanje, ayinalo ulimi oluqosheme futhi ingalalelwa yinoma ngubani othanda umculo.
Yize eqala ukungena kule mboni yomculo uthe, unesifiso sokuqhubeka njalo afane nezinkakha akhule ebukela kuzona njengoSlikour, Reason, Gemini Major no-Anatii.
Ukungena kukaBoity emculweni kumenza abe ngumrepha wesifazane olandela asebevele baziwa kwi-hip hop okubalwa kubona uNomuzi Mabena, Rouge noNadia Nakai.