UDJ Black Coffee, onochungechunge lwemicimbi azodlala kuyo phesheya kwezilwandle uyoze abuye ekupheleni kuka-Okthoba eNingizimu Afrika
ABALANDELI besilomo sikaDJ wakuleli uBlack Coffee kuzomele balinde kancane ngaphambi kokusibona sinandisa eNingizimu Afrika njengoba siyoze sibuye ngo-Okthoba.

UBlack Coffee umemezele uhla lochungechunge lwemicimbi azonandisa kuyo phakathi kukaJuni noJulayi. Yonke isemazweni aphesheya kanti ngosuku lweDurban July uzobe ese-Ibiza, eSpain.

Lokhu kwenze abantu babuza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngeke alubhade yini nakwiDurban July, okuwumcimbi omkhulu wamahhashi ohambisana nenqwaba yemicimbi yobumnandi.

Phakathi kwabantu abakhalile ngokuthi ngeke abe khona kubalwa abasakazi beGagasi FM, uCollen Zondo noNomfundo Clarissa.

Nangonyaka odlule lo DJ wayengekho.

Imenenja yakhe u-Amaru Da Costa, itshele leli phephandaba ukuthi uBlack Coffee uzobuya ekupheleni kuka-Okthoba.

Phakathi kwamazwe azowahambela kubalwa kuwo iGermany, Italy, Russia, United States of America namanye.

U-Amaru ubuye waveza ukuthi uBlack Coffee usezinhlelweni zokukhipha i-albhamu entsha kulo nyaka.

Selokhu agcina ngo-2015 ngePieces of Me eyayigabe ngezingoma ezithi We Dance Again ayishaya noNakkhane Toure, I’ll Find You apike kuyo uCara Frew nezinye.

“Asifuni ukuzibophela ogodweni sithi izophuma nini kodwa sinethemba lokuthi izophuma kulo nyaka.”