‘ISIPHITHIPHITHI soKhozi, ungasithinti uzotinyelwa izinyosi.”
Ngempela kwaya njengamagama kaMampintsha weBig NUZ, bathi bayamkhipha uDudu ‘Lady D Wabantu’ Khoza kuJabul’Ujule oKhozini bavele baziqhatha neziqandu, zabatinyela kanjalo.
Yini eyenza kungabi lula ukukhipha uNsukukazifani kulolu hlelo aselusakaze iminyaka engaphezu kwewu-15? Wubizo nje qha.
Ngiyaphikisana nokuthi ubizelwe kulolu hlelo kuphela kodwa ubizelwe ekusakazeni.
Yize iminyaka yakhe ingamile futhi seyidlulile kwewu-50 kodwa izwi lakhe lisemtoti okweletshitshi elineminyaka ewu-15.
Ngaphandle kwezwi uwumsakazi ohamba nezikhathi. Ontanga yakhe abazihlanganisi nezinkundla zokuxhumana ezinjengo-Instagram noTwitter kodwa uSister Benjy (okuyigama ateketiswa ngalo ngama-rasta) umfica khona ephawula futhi eqala izingxoxo.
Yingakho usumbona nasemdlalweni oyintandokazi kuleli Uzalo futhi ukuma-billboard njengoba eyinxusa lempuphu iWhite Star.
Nasemculweni akasalele emuva yingakho ekwazi ukukhiphela eshashalazini yonke inhlobo yomculi. Ngale kokuthi uLady D usakazela ikakhulukazi abantu besifazane asebethanda ukuqinaqina ngenxa yokuthi uhlelo lwakhe ludlala intsha eningi isezikoleni kodwa unobuciko bokwenza noma ngubani aluthakasele.
Yingakho uzwa nentsha yasemalokishini nehlala esilungwini ithi izifela ngeJabul’Ujule.
Akagcini lapho, ukwazi ukuhlanganisa omama basemakhaya emajukujukwini nabahlala emadolobheni.
Akumangazi ukuzwa kuphawula umuntu othi uhlala eKempton Park eGoli nohlala ehlanzeni eMsinga ohlelweni lwakhe. Ukwazi ukukhuluma azwane nabobonke abantu ngoba unekhono lokuqonda wonke umuntu.
Njengamanje ungenise nasemahostela nakubaculi bakamaskandi, yingakho uBahubhe ehlale emtusa ngoba wavumbululwa nguye eziculela emigwaqweni njengoba manje esegingqa izinkunzi.
Mufake emculweni womgqashiyo, uLady D uzozikhulumela sengathi bazana kudala nomama baMahhotela Queens neZintombi Zesimanjemanje.
Uthi umfaka esicathamiyeni nakhona azixoxele kalula nezinsizwa kanti nakwi-reggae umuzwa ekhuluma no-sistren no-jahman ngolimi lwabo
lobu-rasta. Angiyiphathi-ke eyoTipcee noBabes Wodumo begqom’, uvele akhulume nabo kuze kube sengathi ontanga
yakhe.
Nezihloko azidingida ohlelweni lwakhe ezidingidwa ngabantu beminyaka ehlukene emazingeni angafani. Empeleni uLady D ungamfaka kunoma yiluphi ohlelo, kungaba olwantambama noma olwasekuseni, uyazishibilikela nje. Angisaluphathi uhlelo lomculo wokholo ngoba lwaze lwamenza wethula uhlelo lwethelevishini iGospel Gold.
Umbuzo okufanele ube sezindebeni zabaphathi balo msakazo ngothi yimuphi umsakazi kulaba abasebasha ongangena khaxa endaweni kaLady D uma kungenzeka ethola amadlelo aluhlaza?
Ngikhuluma ngongaba wumuntu wabantu njengaye.
Kufanele ngabe ukhona umsakazi oqeqeshwayo nocijwa nguLady D ukuze kungabanjwa amakhanda uma kwenzeka noma yini kuye.
Lokhu sakubona kudlula emhlabeni umsakazi woMhlobo Wenene uSaba Mbixane noweMetro FM * -Eddie Zondi kodwa ngenhlanhla kwatholakala abasakazi abafanele oGudlabatshakazi noSentle Lehoko.
Uma uLady D akwazi ukuvumbulula abaculi, angamthola umsakazi oyofana naye uma esethathe umhlalaphansi.