UFUNA ukuba yisibonelo kwamanye amaciko asemakhaya umrepha odlisa ngemisiko yakwaBrentwood ethathwa njengefanele abantu abangamabhinca.
USiyabonaga “Big Zulu” Nene waseBergville kodwa osezinze eGoli nophinde abe ngumlingisi, usho kanje kulandela ukuqokwa kwakhe njengenxusa elisha lemisiko yeBrentwood Africa.
UBig Zulu uthi uthando lwakhe nale lebuli lusuka kude, yingakho engazange acabange kaningi uma enikezwa leli thuba.
“Ngaqala ukugqoka ibhulukwe likaBrentwood ngiqala ukushayela itekisi. Kufana nokuthi kufezeke iphupho ukusebenzisana nabo ngoba izimpahla zabo ziyabiza kodwa njengoba sengiyinxusa sengiyaxhaswa nangazo mahhala.
“Abantu abaningi bazi ukuthi ibhulukwe kuphela elitholakala kwaBrentwood kodwa zikhona nezinye izimpahla abangakhetha kuzo,” kusho uBig Zulu. Uthe amaciko asuka emakhaya akumele azenyeze ngohlobo lwesitayela sokugqoka asithandayo ngoba enzela ukujabulisa abantu.
“Baningi abantu abangomkhaya abafika edolobheni benze izinto ezinkulu futhi baphumelele. Uma ungena kwithelevishini noma emculweni, ungafuni ukufana nabanye. Yenza lokho okusenhliziyweni yakho futhi ugqoke ngendlela oyithandayo.
“Mina angizange ngibe nandaba nokuthi abanye omrepha bazongihleka ngoba ngiyazi nezami izimpahla ziyabiza futhi ngizizwa ngiyindoda ephelele uma ngizigqokile,” kusho uBig Zulu.
UBrentwood Africa usuqalile ukwenza izikhangiso ngaye ekhasini lawo wamethula nakumakhasimende.
Izolo uBig Zulu ubeshutha ivideo yengoma ethi Home ekwi-albhamu yakhe entsha ethi uShun Wenkabi.
Uthe usagxile kwi-albhamu yakhe nokwenza imisebenzi eqondene nomculo kanjalo nohlelo lakuSABC1 i-One Mic. Mayelana nokulingisa uthe usazothi ukuhlaba ikhefu okwesikhashana.