Ezokungcebeleka

UBig Zulu uhlukunyezwa wukufaniswa nowesilisa oshade nomunye

Thokozani Ndlovu|Published

ESINYE sezithombe esisabalele ezinkundleni zokuxhumana zabesilisa abebebopha ifindo likasofasilahlane. Omunye wabo ufaniswe noBig Zulu Isithombe: FACEBOOK

UMREPHA osematheni kulezi zinsuku ngeculi lakhe egxibha abanye omrepha, usephumele obala ngobuhlungu anabo ngokufaniswa nowesilisa ogcwele ezinkundleni zokuxhumana eshada nomunye wesilisa.

UBig Zulu uthe abamfanisa nowesilisa bayamhlukumeza ngoba kukhona asebekholwa ngempela ukuthi wuyena oshada nomunye wesilisa.

Ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook ukuthi abantu bangaqhubeki nokwenza into abayenzayo ngoba ifana nokumngcwaba ephila.

“Hhayi bo! Hhey! Naze nangihlukumeza. Ukhona ngempela umuntu ocabanga ukuthi yimi lo?. Musani ukudlala ngami. Ngicela sihloniphane. Musani ukungigubhela umgodi ngisaphila,” usho kanje.

Ethintwa uBig Zulu ngalezi zindaba uvele wavuka ngolaka, kubonakala ukuthi iyamcasula le nto.

“Ngicela ungangibuzi ngento engingayazi nokuthi iqhamukaphi. Ngeke ngiphendule into ewumbhedo. Namhlanje (ngoLwesihlanu) ngikhiphe i-albhamu yami kodwa wena ubona ukuthi kumele uzongibuza ngale nto kunokukhuluma ngomsebenzi wami,” kusho uBig Zulu evala ucingo.

Isithombe sabesilisa ababili beqabulana sigcwele izinkundla zokuxhumana. Omunye wabo ubukeka efana noBig Zulu. Abantu abebephawula ngaphansi kwenkulumo abeyibhale ekhasini lakhe, bathe abadingi nokuthi achaze kodwa bayamhalalisela ngokuthola ubambo lwakhe. Abanye bebehleka bebabaza nendlela abukeka efana ngayo nomunye walaba besilisa abebeshadana beqabulana.

Kwenzeka lokhu nje uBig Zulu usanda kukhipha iculo lakhe i-150 Bars lapho ebegxibha khona abanye omrepha. Phakathi kwabo kukhona noDuncan othe uma ephendula uBig Zulu ngeculo, wamsola ngokwenzisa okomuntu wesifazane ngendlela ahlala ngayo uma eshutha izithombe. Ezinhlamvini zikaDuncan uze wathi akubuzwe uSomizi, ukuthi kwenzekani kuBig Zulu. Wathi akamboni eyinkabi njengoba ezibiza kanjalo kodwa uyinkabikazi.

UBIG ZULU ucasulwe wukufaniswa nowesilisa obonakala eshada nomunye Isithombe: INSTAGRAM