‘ABANTU abazi iqiniso bathathu, yimina, uHlengiwe noNkulunkulu.”
Usho kanje umakadebona womculo wokholo uSipho “Big Fish” Makhabane mayelana nezinsolo zokuthi wadla izizumbulu zikaHlengiwe Mhlaba, ayengumphathi wakhe.
Iphephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto libike ukuthi uMakhabane, owavumbulula uHlengiwe, usolwa yilo mculi ngokudla uR8.5 million wemali etholwa ngokudlala komculo emsakazweni nakwezinye izindawo, okubizwa ngama-royalties.
Kuvela ukuthi uHlengiwe uthole ukuthi ezingomeni zakhe ezingu-90 ezaqoqa ama-royalties akhe kwaSouth African Music Rights Organisation (Samro), zingu-24 kuphela ezakhokha * -16.7% wemali okumele ize kuye.
Kuvela ukuthi ukweletwa omunye uR8.5 million wemali yokudayiswa kwamaCD. Kuthiwa eminyakeni engu-10 wathola uR4.5 million kuMakhabane.
Iphepha elikhiphe lokhu alimtholanga uMakhabane ukuthi aphendule imibuzo. Utshele Isolezwe ukuthi uphatheke kabi ngale mibiko futhi ngeke aphawule kakhulu.
“Abantu abazi iqiniso uHlengiwe, yimi noNkulunkulu,” kusho uMakhabane.
“Akekho umzali okhulisa ingane abale kodwa namuhla kuhlangana abantu bathi angizobala. Kubuhlungu kimi ukuthi ingane engayikhulisa kanzima isikhuluma kanje ngami. Kulungile. UNkulunkulu, uSipho noHlengiwe bayazi. Sebengangena abelungu bezokwenza izibalo ngoba bafundile mina ngagcina ebangeni lesithathu,” kusho yena.
Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi uHlengiwe akezi kuye bakhulume.
Imizamo yokuthola uHlengiwe izolo ayiphumelelanga ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
“Ngisilungele isiphambano. Ngisho nababhala kuFacebook ngithi kulungile. UHlengiwe yindodakazi yami. Engakufunda wukuthi e-Afrika zingu-20% kuphela izingane ezibuyela emuva ziyobonga,” kusho yena.
Iphephandaba liveze ukuthi uphenyo lommeli uGraeme Gilfillan oqashwe nguHlengiwe luveza ukuthi * -83.3% wama royalties ukhokhelwe umqambi ongaziwa obizwa ngoDP.
Kuthiwa baningi abaculi abathintekayo okubalwa kubo uJabu Khanyile, Brenda Fassie, Miriam Makeba, Mahlathini nabanye.
Ucwaningo lukaGilfillan lukhomba ukuthi ilinganiselwa kuR1.2 billion imali ethathwe egameni likaDP eminyakeni engu-55. Okhulumela iSamro ucashunwe ethi lesi samba siyihaba.