UBHUQWABHUQWA yindlala umculi kamaskandi ozakhele udumo ngengoma ehlukanise unyaka ngowedlule, ethi Elamanqamu Namhlanje (Sobulala UVan Damme), uSthembiso ‘Mroza’ Fakude.
Lo mculi uthi sekunzima ngisho ukuphila kwansuku zonke selokhu kwasabalala izindaba zokuthi uke wagula ngekhanda.
Akasaqashwa ndawo, akusekho senti elingenayo kuye.
“Angazi ngenzeni kubani. Angisaqashwa emicimbini nomculo wami awusadlalwa emisakazweni, ikakhulukazi oKhozini.
“Kunabahleli bemicimbi abathi bahlale betshelwa ukuthi ngingaqashwa mina ngoba ngiyagula. Angisazi sekufanele ngisho kangaki ukuthi sengiyaphila futhi sengikulungele ukujabulisa abantu. Kwakuqala ngami yini ukugula? Ngubani ongasoze agula? Ngibhuqwabhuqwa yindlala ngenxa yabantu abangizondayo.”
Uthe iCD yakhe yakamuva esihloko sithi Kuyophelela Ethunjini, wayikhipha ngoSepthemba kodwa kuze kube yimanje ayidlalwa emisakazweni.”
“Angazi ukugula kwami kuhlanganaphi nokudlalwa komculo wami emisakazweni. Noma ngiyaphi abantu bayamangala uma bezwa kuthiwa ngineCD entsha ngenxa yokuthi ayidlalwa emisakazweni.
“Angazi sengiyiyise kangaki oKhozini kulokhu kuthiwa ayikho ekubeni ngiyiyisile e-library.” Ebuzwa ukuthi akasoli yini ukuqopha kwakhe ingoma engcofa uTira noSox, uMroza uthe akananxa nabo futhi uyabahlonipha.
“Angisoze ngaxabana noTira ngoba ngokwezinga usethuthuke kakhulu kunami. Ungumuntu engingathi uma ngixakekile ngicele kuye imali.”
Eqhuba uthe bakhona abantu asondelene nabo abasolayo ngokumcekela phansi.
“Sekunabantu abeza kimina sengathi beze ngobungani kanti banezinye izinhloso. Sekukhona abanomkhuba wokulokhu bengishutha. Angazi lezo zithombe basuke bezozenzani.”
UMroza uzakhele udumo ngokuqopha umlando ngokuba wumculi wokuqala kamaskandi ukuhlukanisa unyaka oKhozini naseziteshini ezingu-18 zakwaSABC.
Kusukela lapho izinto bezibukeka zimhambela kahle kodwa konke kwabuye kwashabalala okwamazolo ebona ilanga. Njengoba abaculi abaningi beqashwa ngapha nangapha yena ubhuquza ekhaya.
Phezu kokuba ingoma yakhe entsha ayenze noMkhathazi noMjikijelwa ethi Somfoqoza ithandwa ngabalandeli abaningi kodwa akulula ingene ezingomeni ezizohlukanisa unyaka ngenxa yokuthi ayidlalwa ndawo.
Kwenzeka lokhu nje lo mculi usanda kwenza enye ingoma noMkhathazi esihloko sithi Ukube Ngiyakwazi Ukwenza Ngabe Ngibuyela Esiswini Sikamama, ebalisa ngezingqinamba abadlule.