UDEDELWE ngebheyili kaR1 500, owesilisa oneminyaka engu-30, waKwaMashu owaduma ohlelweni oluthungatha amakhono omculo ama-Idols SA.
Lona wesilisa obevele izolo enkantolo yeMantshi eNtuzuma, akaqali ukuba senkingeni nomthetho njengoba eminyakeni emihlanu edlule wake wavulelwa icala lokushaya evulelwa ngowesifazane waseGoli.
Kulokhu uboshwe ngeSonto ngemuva kokuvulelwa icala lokudlwengula evulelwa ngowesifazane oneminyaka engu-24.Ngokwamaphepha asenkantolo kuvela ukuthi umsolwa wadlwengula owesifazane ekuseni ngehora lesithupha epaki, ngeSonto.
Isolezwe lixhumane nalona wesifazane okuqinisekisile ukuthi bebengathandani nomsolwa.
Uthe babephuma endaweni yokuhlanza izimoto, okukhona kuyo nendawo yobumnandi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
“Ngangiqala ukumbona, njengoba sasisendaweni yobumnandi wayelokhu eza kimina ezongitshela ukuthi uyangithanda kodwa ngingamnaki.
“Ngesikhathi mina nabangani bami sesihamba wangincenga wathi angigibele kweyakhe wathi uzongibeka ekhaya ngoba vele imoto yethu igcwele. Ngavuma nokwathi sisendleleni waya nami epaki ngoba wayefuna ukuxoxa nami kahle khona.
“Siselapho wathi ucela ngimqabule ngamtshela ukuthi ngeke ngikwazi ngoba asazani kodwa wathi uyacela nami ngamqabula kanye, nokwathi uma ngimtshela ukuthi akangihambise ekhaya wathi usafuna ukungiqabula futhi,” kuchaza owesifazane.
Uthe umsolwa wambona ukuthi ushintsha ebusweni uma elokhu ephatha eyokuthi ufuna ukuhamba.
Uthe umsolwa wabe esemtshela ukuthi ufuna ukulala naye.
“Ngambuza ukuthi kungani efuna ukulala nami ngenkani? Lapho wayengasakhulumi esezithulele nje. Angimazi nokuthi wakhumula nini, ngoba wayesengibamba kabuhlungu futhi kucaca ukuthi uma ngingazama ukulwa ngizolimala, wayesefana nesilwane enamandla amangalisayo, engikhumula.
“Walala nami ngenkani waze wachamela kimi, ngambuza ukuthi ukwenzelani lokhu wathi uma ngisaba ukukhulelwa ngeke kwenzeke. Eseqedile akazisolanga kunalokho waphuma emotweni wagqoka wangihambisa ekhaya,” kuchaza yena.
Uthe ngesikhathi efika ekhaya watshela udadewabo ngakho konke okwenzekile, ngaphambi kokuthi amphelezele ukuyovula icala emaphoyiseni.
Uthe njengoba eseboshiwe umsolwa, uyathemba ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka.Umsolwa kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngoSepthemba 30.