UMZWILILI we-Afro Soul, uBerita, uthe ukucabangela ingomuso yikho okumenze wakhetha ukulaxaza inkampani abeqopha kuyo wazimela.
UBerita ubeqopha eVth Season akhiphe nayo i-albhamu ayiqambe ngegama lakhe ngonyaka odlule. Manje usezibambele mathupha emculweni wakhe.
“Ngiyabahlonipha ngokuthi umculo wami bawubeke kuliphi izinga kodwa ngithathe isinqumo lapho ngicabanga khona ngekusasa. Ngifuna ukuba wumnikazi webhizinisi, uma ngidayisa ama-cd ngazi ukuthi ngithola malini. Ngelinye ilanga ngizoba nezingane ngakho ngicabangela nazo,” kusho uBerita. Lo mculi uzobe eseThekwini kule mpelasonto kwazise uzobe engesinye sezikhulumi engqungqutheleni yokucobelelana ngolwazi kwezomculo, iKZN Music Imbizo. Ingqungquthela izoqala kusasa eMoses Mabhida Stadium ize isongwe ngoMgqibelo. Ngemuva kwalokho uzonandisa eThe Chairman, ePhoyinti.
“Kade ngagcina ukunandisa eThekwini, ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi ngisekhona. Ngizoshaya izingoma abazozicula nami iThandolwethu nethi Ezizweni nezinye, siphinde sindanse kancane. Nginethemba lokuthi kukhona abazogqugquzeleka,” kusho uBerita. Uthe uzimisele ngokubumba i-Afrika ngomculo nokiyingakho kade ehambele amazwe akhona muva nje.
“Ngehlobo ngizohambela amazwe aseNingizimu ne-Afrika. Kuyangisiza ukuthi ngicula ngezilimi ezahlukene njengoMirrian Makeba. Ngicula ngesiXhosa, Shona, Ndebele esicishe sifane nesiZulu kanti manje sengicula nangesiSwahili. Umculo wami uyasabalala ngaleyo ndlela.”