INSIZWA yaseBulwer KwaZulu-Natal ekhale yemuka nemali enguR2 million ohlelweni iBig Brother Mzansi ngeSonto uMc Junior Zondi, uthi uphelelwa amazwi uma kumele achaze indlela azizwa ngayo ngokwenzeke kuye.
UMC Junior enamasonto amathathu kulolu hlelo abantu baqala ukumbheka indlela anobuhlakani ngayo nokwagcina kumakhele ugazi lwababukeli balolu hlelo abakade bemvotela njengoba ebengomunye wabaqokwa isonto nesonto ukuthi aphume.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi sekwenzeke konke, kumele abonge intokazi abenayo kulendlu uNeo okuyiyona eyamgcina ngesonto lesibili ayenesiqiniseko sokuthi uzophuma ngalo.
“Uma kudlula lesi sigaba engimatasa naso manje kumele ngihlale phansi noNeo ngimbonge ngangenzela kona. Nami ngangizibona ngiphuma ngalelasonto kodwa akwenza kimi kungigcine ngaze ngafika la ngikhona namhlanje.
“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu othathe isikhathi wangivotela njengoba eshintshe impilo yami. Bengingazithembi ukuthi ngingadla umhlanganiso yize isonto nesonto bengisinda ezembeni lokuphuma kodwa bengingasho ukuthi ngizowudla umhlanganiso,” kusho uMc Junior.
Uthe ngisho sebesesiteji noMakhekhe ubezitshela ukuthi uphelezele uMakhekhe obethandwa kakhulu ngisho endlini.
“Ukuba le mali ayiwinwanga yimina bengingajabula ithathwe uMakhekhe. Mina naye siqhamuka esimweni esithi asifane sempilo, sikhule kanzima ngakho naye ngimfisela konke okuhle.
“Mina ngalemali ngizophindela ekhaya eBulwer ngiyovula ibhizinisi okwakukade ngilifisa lokuthuthukisa intsha yasemakhaya, bese enye yayo ngiyayibeka.
Lena ebengiyiwina ngizogcina amazwi ami, ngiyinike uSinaye ebesinesivumelwano naye ngayo,” kusho yena.
Uveze ukuthi ukubuya kwakhe eThekwini uzoshintsha indawo yokuhlala bese ehlela impilo yakhe kabusha.
Uthe kubantu akade enabo endlini akekho azoba umngani naye oseduzane njengoba nabo kade ebatshengisa ukuthi akayena umuntu wabantu uzoqhubeka nokwenza kanjalo.
“Into engenze ngaba nogazi ukuziveza ukuthi ngiwumuntu onjani, angikwazi ukuzenzisa ngibe umuntu ongeyena, abantu bangithandile nginje ngizoqhubeka lapho ke,” kuchaza yena.
Izolo ngemuva kokuwina kukaMc Junior abalandeli bakaMakhekhe waseGoli baveze ukuthi bazoqoqa umnikelo ukuze bamnike ashintshe impilo yakhe.
UMakhekhe esendlini kaBig Brother ngesikhathi uLiema ethole imali engu-R250 000, waveza ukuthi imali engaka kuye ingashintsha impilo yakhe.
Wathi ngisho engathola uR5000 emidlalweni akade beyenza endlini ingamenza aqale impilo yakhe kabusha.