USOMABHIZINISI oke wanguzime walapha eNingizimu Afrika ngo-1994 uthe, sekuyisikhathi sokuthi kuphele ukuhlukunyezwa kwabantu ezinkundleni zokuxhumana.
UBasetsana Kumalo ukusho lokhu ngemuva kokunqoba icala lapho yena nomyeni wakhe uRomeo Kumalo bebemangalele umbhali wezincwadi uJackie Phamotse.
UPhamotse ube sematheni ngenyanga edlule kulandela ukubhala kuTwitter ukuthi uzwe ingxoxo ejulile ngosomabhizinisi wakuleli wesifazane obencenga othile ukuba angasabalalisi ivideo.
Wathi le video iqukethe lo wesifazane edakiwe, umyeni wakhe ezitika ngesinene nomrepha odumile.
Lokhu kwasusa umsindo abantu behlanganisa le nkulumo nomndeni wakwaKumalo. Lokhu kugcine kwenza abakwaKumalo ukuthi bavule icala lokuhlukunyezwa nokudicilelwa phansi kwesithunzi sabo.
Ngesikhathi lisenkantolo yeMatshi eRandburg icala, abameli baPhamotse bazame ukutshela inkantolo ukuthi okwakubhalwe nguPhamotse kwakuyindlela yokubuyekeza incwadi yakhe ethi Bare 2 okubhekeke ukuba iphume kungekudala.
UPhamotse uphinde watshela inkantolo ukuthi akakaze akhulume ngqo ngabakwaKumalo.
Uqhube wathi ngumkhuba wakhe ukuthi ngaphambi kokuba akhiphe incwadi aqale ezwe amanzi ngobhoko ngokucaphuna izingxenyana ezithile zencwadi azifake kuTwitter.
Uthe lokhu usuke ekwenzela ukuthi abone ukuthi abalandeli bakhe bazothini.
Utshele inkantolo kuthi akubhala kwakungathathelwe esigamekweni sangempela
futhi akukho video njengoba ayetshele abantu kuTwitter ukuthi ikhona enesigameko ayekhuluma ngaso.
Ummeli wabakwaKumalo u-Angelike Charalambous uthe uPhamotse wehluleke wancama ukucacisela inkantolo ukuthi akubhala kuTwitter kwakuyinto ayisusela ekhanda. Ngenxa yalokhu, akwenza kubeka ngokusobala ukuthi wayehlukumeza lo mndeni.
Inkantolo ibe isiyalela uPhamotse ukuba angaphinde aphawule ezinkundleni zokuxhumana ngoBasetsana.
Iphinde yamlahla ngecala lokuhlukumeza.