ISILOMO sikamaskandi uSbusiso ‘Bahubhe’ Mkhize sijabulele ukunqoba unyanyavu lwengqovungqovu yeToyota Fortuner nabalandeli baso eWorkshop, eThekwini.
UBahubhe uqumbe phansi izihlabani zalo mculo emqhudelwaneni iMTN Maskandi Song of the Year ngesikhathi kunedili lomculo kamaskandi ezinkundleni zemidlalo eThembeni, KwaDukuza ngeledlule.
Lo mculi akavotelwanga futhi akahlonishwanga ngalo mklomelo kodwa udle umhlanganiso ngokuthengwa kakhulu kuma-downloads kwenoni lengoma yakhe yakamuva ethi Izihlwele.
“Ngithe angizonibonga ngoku-downloader ingoma yami. Wukungiseka kwenu okungenze ngawina le moto. Niyasazi nonke isikorokoro ebengihamba ngaso futhi abanye benu bebeze bangiphushise sona uma sesingihlupha.”
Ubekhuluma ngemoto yakhe iMazda 2.
Uthe ngosuku lomcimbi wakwaMTN wafika ngemoto ayeyiboleke kumngani wakhe, engazi ukuthi uzobuyela kubo eseshayela lolu nyanyavu lwemoto.
UBahubhe ubuye wabonga kakhulu umsakazi woKhozi FM uDudu ‘Lady D’ Khoza ngokumvundulula emigwaqweni yaseThekwini njengoba esekhonya kulo mculo.
Nakuba abantu abaningi bemhalalisela lo mculi kodwa abalandeli ababizwa ‘ngoqhawe lami’ (okungabalandeli abaseka abaculi abadumile nabanezinkumbi zabantu) abaneme neze ezinkundleni zokuxhumana.
Umanaphanapha uBahubhe yizinhlamba ko-facebook bemsola ngokuthi wawina ngokwenzelelwa.
Abanye bathi bebengakaze babona umlandeli wakhe ekhankasa kanti futhi akekho oke wezwa kunomlandeli one-caller tune yengoma kaBahubhe.
UBahubhe uthe ubafisela impilo ende bonke abangabaza ukuhlabana kwakhe kulo mncintiswano. Akukhona okokuqala ehlabana baphike, uBahubhe.
NakuMantshontsho Kamaskandi Awards e-ICC eThekwini nyakenye, wakhala wemuka nendondo yeBest Live Perfomance, kwakhalwa nxazonke, kuthiwa bekufanele itholwe wuSgwebo Sentambo.
UBahubhe waseJolivet eHighflats ubuye abe yilungu leqembu lezingwazi zaseSouth Coast, Amabhenanyawo, elakhiwe nguPhuzekhemisi, Ithwasa Lekhansela, Inyoni Emhlophe, Mbuzeni Mkhize noMkhanyiselwa Nzimande.