INDLOVUKAZI yegqom’ uBabes Wodumo ithe ngeke luyiphuthe uhambo lwayo lokuyonandisa e-United Kingdom ngempelasonto.
UBabes umenywe ukuyonandisa eThe Corahsuite eLeicenster ngoMgqibelo.
Uthe ipassport yakhe isivivile ngoba ulubheke ngabomvu lolu hambo.
“Angifuni ukwenza iphutha,” kusho uBabes.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule kwakumele aye kuleliya lizwe ngemuva kokuqokwa kwakhe kumaBET Awards kodwa wangahamba ngomzuzu wokugcina ngenxa yokungayilungiseleli kahle imvume.
Ekhuluma kwiMetro FM ngoLwesibili emini uthe uzohamba namhlanje aze abuye ngoNovemba 1.
Uthe kuyamjabulisa ukubona umculo wegqom’ udlondlobala.
“Abaculi engibathandayo nguTipcee noBusiswa. UBusiswa unswempu uvele athathe into enganakekile athi hhu, kuvele kube yingoba eshisa izikhotha.”
Izinhlamvu ezithi “kuthi hhu” uBusiswa uzishaya engomeni kaPrince Kaybee apikwe kuyo eshisa izikhotha ethi Banomoya.
Izinto zibonakala zimhambela kahle uBabes njengoba eqashwa ubuthaphuthaphu. Uthe imali iyangena kuye.
Usanda kuveza uhlu lwemicimbi aqashwe kuyo engaphezulu kuka-20.
NgoLwesithathu ntambama bekunomcimbi wokumvalelisa endaweni yobumnandi Egagasini, eSouth Beach.
Bekukhona abangani bakhe, okubalwa kubo nemenenja yakule ndawo * -Amu Sithole nabadansi bakhe.