UBONGEKILE “Babes Wodumo” Simelane uthi uMampintsha wake wamtshela ukuthi uzombulala uma emala.
UBabes ukusho lokhu ohlelweni, iBehind The Story kwiBET (channel 129), ngoLwesithathu ebusuku.
Ohlelweni uPearl Thusi ubuze uBabes ngesigameko lapho kwasabalala i-video uMampintsha eshaya uBabes.
UBabes uthe kukho konke okwenzeka, uMampintsha udinga usizo lwabantu abazomluleka njengoba uthando kuyinto angayitholanga.
“Ushoda ngothando uMampintsha njengoba kubo akhula ubaba wakhe engekho esejele, umama wakhe engekho eduzane kwabo, okwakugcina ngokuthi uMampintsha ahlale komakhelwane aze alale khona. Ngesikhathi siqala ukuthandana konke kwakuhamba kahle. Izinto zaqala ukonakala ngemuva kokuphuma kwengoma ethi, Wololo, kwaba khona ukuthi akangithembi la ngihamba khona ukuyonandisa naye,” kusho uBabes.
Uthe kwakuthi uma ebingelelana nabesilisa emcimbini uMampintsha avukwe isikhwele esiyisimanga.
FUNDA:
“Wayevele athi ‘ngiyabona seniyafunana nalona wesilisa bese kuba khona ukungezwani phakathi kwethu. Lowa muntu unenkinga ngempela, inkulu futhi ngiyafisa asizakale, athole umuntu azokhuluma naye ukuze alapheke emoyeni wakhe,” kuchaza uBabes.
Uthe abantu bakuleli kwakumele babone ngokuthi angasali nakweyodwa ingoma yakhe.
“Kuzona zonke izingoma zami ukhona, konke lokhu kwakudalwa isikhwele anaso ngami. Ingoma ethi Jaiva Phezu Kombhede kwakumele angabi bikho kuyona kodwa waphoqa ngenkani, walifaka leli vesi aliculayo. Uma uyibona iVideo yaleya ngoma thina sonke sisembhedeni kodwa yena usezitebhisini kungenxa yokuthi kwakumele angabi bikho. Konke lokhu wayekwenza ngoba efuna ukuhamba nami konke la ngiya khona,” kuchaza yena.
UBabes uvumile ukuthi kukhona okwake kwaba khona phakathi kwakhe nonozinti we-Orlando Pirates, uBrilliant Khuzwayo. Uveze ukuthi akathandani namuntu kodwa kukhona owesilisa odumile kuleli amthandayo.