SEKUVELE ukuthi luvutha amalangabi uthando phakathi kweNdlovukazi yegqom’ nonozinti osanda kushiya kwiKaizer Chiefs.
Abasondele noBabes Wodumo baveza ukuthi usothandweni oluyisimanga noBrilliant Khuzwayo osanda kwesula kuleli qembu laseNaturena omataniswa ne-Orlando Pirates.
Kuvela lezi zindaba nje, kuthiwa uKhuzwayo unomakoti asethembisene naye umshado iminyaka, uNqobile waKwaNdengezi anezingane ezimbili naye.
Yize kunjalo, abasondelene noKhuzwayo bathi uthi akahlukene noNqobile futhi uyamthanda noBabes.
“Akakhathazekile nakancane ngalaba besifazane, kuyena kuhle konke njengoba ethandwa nxazonke. Kulezi zinsuku usha amashushu ufuna ukumthatha uBabes kodwa akacacisi ukuthi uthatha isithembu noma uzohlukana yini nomakoti wakhe uNqobile,” kusho umthombo.
Ethintwa uKhuzwayo uthe uyamazi uBabes Wodumo kodwa akulona iqiniso ukuthi uthandana naye.
“Akusilo iqiniso ukuthi siyathandana futhi anginalwazi lokuthi la mahlebezi asukaphi ngoba angimandla nasezinkundleni zokuxhumana, ekufundeni ukuthi abantu bathini uma bezibhalela,” kusho uKhuzwayo.
Yize ephika kodwa nakubangani bakhe le yindaba exoxwayo. Lokhu kufakazelwa nayizithombe zabo abazifaka ezinkundleni zabo zokuxhumana okubalwa * -Instagram noFacebook bendawonye.
Imizamo yokuthola uBabes Wodumo ayiphumelelanga, ucingo ubengalubambi nomqhafazo akawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Lezi zindaba zisabalala nje uBabes Wodumo usanda kuveza ukuthi usehlukene nobeyisithandwa sakhe seminyaka, uMampintsa oyisikhulu senkampani yomculo iWest Ink.
Lokhu ukusho kwiThe Drive ekuMetro FM ekhuluma noMasechaba Ndlovu noMo Flava.
Uqhube wathi usenesoka elisha kodwa angalivezanga igama lalo.
Ngesikhathi Isolezwe ngeSonto lixoxa nelinye ilungu lomndeni kaBabes Wodumo ngeledlule, liveze ukuthi lesi silomo somculi besesingajabule neze noMampintsha.
“UBabes umiswe kabi yizesheli zakhe ezimbili eziyizimpunyela. Esinye sazo nawe uyasazi futhi sizimisele ukumlobola nokuyinto esihlule uMampintsha ogijime wayothembisa ngasese umshado uBabes,” kusho leli lungu lomndeni.
Leli lungu liphinde laveza ukuthi umndeni wakwaSimelane aweneme ngesenzo sikaMampintsha sokugijimela ukuthembisa umshado ngasese.
Ngakolunye uhlangothi uMampintsha wazi ukuthi konke kuhamba kahle basathandana noBabes Wodumo.