UTBO Touch usedalule ukuthi akahlanganiswa kuphela ukuthi uzokwethula uhlelo esiteshini iSoweto TV kodwa uyingxenye yabaphathi njengoba ethenge amasheya.
ISoweto TV yisiteshi samahhala saseGauteng esitholakala kwi-channel 251 kwiDStv.
“Sizothatha iSoweto TV siyenze ibe yiHD. Yebo, sekusemthethweni, iTouch HD isithole ingxenye esiteshini. Sizoyenza ibe yiHD ngokuphelele futhi sesiqalile siqasha abadidiyeli abathembekile, abaqondisi nababhali,” kusho uTbo Touch.
Ukusho ekhasini lakhe leTwitter. Imizamo yokumthola izolo ayiphumelelanga njengoba ethe usemhlanganweni.
Omunye umsebenzi walesi siteshi utshele Isolezwe ukuthi indaba yokufika kukaTbo Touch iyakhulunywa ngaphakathi. Uveze ukuthi sezikhona izinhlelo ezintsha eseziqaliwe ukuqoshwa.
“Kunezinhlelo ezintsha ezizayo kwi-channel 251 #SowetoHD #TboTouch,” kubhala uTbo Touch
Uthe ngo-Ephreli 29 uzomema abangani nabezindaba emcimbini wokwethula ngokusemthethweni kwezinhlelo.
Ethintwa umdidiyeli omkhulu esiteshini, uMandla Ncinitwa ushaye ngamafuphi wathi izinhlelo zizoqala ngoMeyi.
UTbo Touch uqhube wabhala wathi ukhuza ibuya ekwethuleni izinhlelo njengoba ezokwenza iTake Off ngo-6 kuya ku-8 ekuseni phakathi nesonto. Uveze ukuthi ohlelweni lokuqala bazohlonipha uHugh Masekela. Lolu hlelo uzolwethula ngokubambisana noCarpo noKamo Moth.
Uthe uzovulela amathuba nabanye abantu abasha abanethalente futhi ucela bonke abadidiyeli, abaqondisi nababhali babambisane naye.