Obeyilungu leqembu le-kwaito elike lashisa izikhotha, iBig NUZ, uDanger, uthi ukuqokwa kwakhe noL’vovo kowezindondo, iMzansi Kwaito and House Awards, kumvusela ithemba lokuthi akuphelile ngomculo we-kwaito.
Exoxa neSolezwe, uDanger uthe benoMampintsha, okuyilungu asesele nalo kwiBig Nuz, basanda kwenza izingoma ezintsha abapike kuzona uL’vovo kumasingili abazowakhipha maduze. Ugcizelele ukuthi akuphelile ngeBig NUZ.
I-Big NUZ yahlakazeka ngemuva kokuhamba emhlabeni kuka R Mashesha nokuphuma eceleni kukaMampintsha osenenkampani yakhe noseziculela yedwa.
U-Danger ube esesebenza noL’vovo, bazibiza ngoDanger & L’vovo. Lezi zihlabani zakhipha ulozolo lwesingili ye-afro-house ethi Sgubhu Overdoze enamanoni afana nelithi Akekho Omunye, abasebenze kuyo noDJ Tira & Mlu, nelithi Ngizokunika lapho kukhona khona noJoocy.
U-Danger uthe akubamangazi ukuqokwa kwabo emunxeni weBest Kwaito Single ngengoma ethi Sukuma Mkami, kwiMzansi Kwaito and House Music Awards.
"Abantu kumele bakuqonde ukuthi lokhu akusho ukuphela kweBig NUZ,“ kusho uDanger.
Uthe ukusebenzisana kwakhe noL’vovo kwaqala kudala, uL’vovo wayevele esebenzisana neBig NUZ.
“Kade aba ngumfowethu uL’vovo, kusuka iqembu lisekhona. Kwakuba nezikhathi lapho uMampintsha engakwazi ukuza bese sithatha uL'vovo ngakho kusukela uLvovo ubeyiBig NUZ. Siyi Afrotainment sonke," echaza.
U-Danger usanda kuqokwa kwiSouth African Music Awards (Sama) emunxeni weBest Kwaito Album.
"Sithokoze kakhulu njengabaculi be-kwaito ukuthi abantu basayithokozela into esiyenzayo ngoba kunenkolelo yokuthi lolu hlobo lomculo selufile, ayisoze yafa i-kwaito," kusho uDanger.
Uthe basazoqhubeka nokunikeza abantu umculo omusha njengoba benzile ngengoma abayikhiphe emasontweni amabili edlule ethi Noma Ikuphi, okukhona kuyo uDJ Tira.
"Ingoma ixwayisa abafowethu ukuthi kumele usisi amvume ngaphambi kokuthi amthinte noma ngabe ungumuntu wakho. Ukunqaba kwakhe kusho ukunqaba, akusho ukuthi unamahloni kodwa kumele avume.
IMzansi Kwaito and House Awards isineminyaka eyisithupha ikhona. Indumezulu yomcimbi izoba seSun City Superbowl ngoNovember 27.