ISILOMO somlingisi woZalo, uKhaya Dladla, kasazi singabachazela sithini abalandeli baso abakhala ngokungabonakali kwaso kulo mdlalo.
UKhaya, ulingisa indawo kaGC emdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Ngesikhathi kuqala isizini yesihlanu ngesonto eledlule, abadidiyeli bathe bazombiza uma bemdinga.
Abanye bababukeli babhala ezinkundleni zokuxhumana ngokungabonakali kwakhe.
“Angazi ngingathini kubantu ngoba bekungesona isinqumo sami.
“Akuhlalwanga nami phansi ukuze sikhulume, ngibone sekunesidididi nje. Kade kwasa kuhamba abalingisi abadumile njengoGxabhashe, Nombuso noThobile, angazi sekuyini manje leya.”
Uthe uma bemdinga uzoya koqopha.
“Ngeke kodwa ngihlale ngilinde ukuthi ngifonelwe, impilo iyaqhubeka. Ngiyathemba futhi ukuthi uma befona ngizobe ngingekho matasa.”
NgoLwesihlanu lo mlingisi uqokwe kumaSouth African Film and Television Awards (Saftas). Ufakwe emunxeni weBest Supporting Actor - TV Soap lapho eqhathwe khona no-Abdul Khoza (Qaphela - Isibaya) noMelusi Mbele (Bhekumuzi - Isibaya).
“Ngithukile kodwa ngijabule. Ukuqokwa kukodwa kusho lukhulu. Ngangithi abasifuni kodwa ngemuva kokuqokwa komdlalo ngonyaka odlule kusho ukuthi yavuleka inhlanhla.
“Lokhu kuzongivulela neminye iminyango ngoba ngizoqhubeka nokulingisa hhayi kuZalo kuphela ngoba anginankinga nokujoyina eminye imidlalo,” kusho yena.
Uthe ukulingisa emidlalweni owuchungechunge kukwenza udume kodwa kumele uzame nokunye.
“Kunobuhle nobubi bakhona. Kufana nomsebenzi ophelele ngoba uhlala amahora angu-12 uqopha ungasitholi isikhathi sokwenza ezinye izinto.”
Uthe kulo nyaka uzogxila nasemculweni futhi kukhona akuhlanganisa noLinda Gcwensa, ekupheleni kwenyanga uzokwethula izicathulo zakhe futhi kukhona uhlelo lwethelevishini asalupheka.
“Ngisasakaza kwiGagasi FM. Ngiyalujabulela uhlelo lwami ngoba ngenza enye yezinto engizithandayo.”