UYICHITHA ngazo zombili eyokuthi usebenzisa izidakamizwa umrepha u-eMtee okusabalele i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana ecula aze awe esiteji.
Kuyo i-video ubonakala emile esiteji ingoma ibe isho. Lapho ethi uphakamisa khona umbhobho uyacula uvele awe. Kukhona enye esephuma esiteji egaxiwe namaphoyisa emgadile. Kuzwakala iphimbo lithi abamphelezele bayomfaka emotweni.
Ebuzwa izolo uthe: “Eish, ngingachaza ngithini.”
Ube esethi yi-video endala eyathathwa ePolokwane emcimbini ayeqashwe kuwo.
“Ngisebenza ngokuzikhandla ngiyakhathala. Ngangikhathele kakhulu lapha. Umuntu osebenzisa izidakamizwa uyakwazi ukubona omunye. Nabantu abaphuza ubhiya ubezwa bethi ngimbona ebusweni owuphuzayo. Labo abathi ngidla izidakamizwa kusho ukuthi bayazidla nabo. Angizidli. Bangangishaya ekhaya, ubaba angangishaya ngoba ngiseyingane,” kusho u-eMtee.
Uthe naye akazi wayewiswe yini. Ekhasini lakhe leTwitter uthe akabuthinti ngisho notshwala.
Ngemuva kokuvela kwe-video ngeSonto, abantu abaningi bathe kumele athole usizo ngokushesha ukuze ayeke izidakamizwa.
USizwe Dhlomo uthe kuyadabukisa ngoba uyazifela ngaye.
Inkakha uDJ Oskido unxuse uSjava, asesitebeleni esisodwa naye, ukuthi amsize.
“Kwesinye isikhathi siyazondwa ngokuzama ukubonisa abafowethu indlela. UNkulunkulu usinikeze ithuba lokuthi sibe wutho. Sinemindeni okumele siyondle. Asingadlali ngamathalente. Asingahlekani futhi. Asisizane. Yeka izidakamizwa!!!” kubhala umrepha uCassper Nyovest kuTwitter.