INSIZWA esizakhele igama kuleli ngokuba usomabhizinisi onegama, abaningi abambiza ngephanta, uSbusiso “DJ Sbu” Leope (39), isiveze ukuthi isifuna umuntu ezoshada naye.
USbu ukusho lokhu ohlelweni oluyinkulumo ngxoxo, iReal Talk, olwethulwa u-Azania Mosaka, ngoLwesibili ntambama.
USbu uthe, njengoba ngonyaka ozayo ehlanganisa iminyaka engu-40, kukhona izinto ezimbalwa asefuna ukuzilungisa.
“Nginomama engimthanda ngayo yonke inhliziyo yami nawo wonke umndeni wami, bese kuba indodakazi yami engiyithandayo. Kodwa isikhathi sokuthi ngithole unkosikazi sesifikile futhi uma ngimbona ukuthi ngowami nakanjani ngizomshada,” kusho uSbu.
Uthe, okwamanje akanaye umuntu athandana naye yingakho ephumela obala.
“Ngifuna umuntu othanda uNkulunkulu, lokho kubalulekile kimina. Ngiwumuntu othanda ukuhlala ejabule njengoba ngisho abantu engake ngaba sebudlelwaneni bezothando nabo ngisho umama wendodakazi yami sinobudlelwane obuhle kakhulu.”