U-DJ Mdix uthi unethemba abantu bazoyijabulela ingoma yakhe entsha eyikhipha ekuqaleni kwale nyanga nenesigqi esifanayo nale ayikhipha kuqala ISITHOMBE: SITHUNYELWE

ULUNGISANI Khuzwayo odume ngelikaDJ Mdix, endimeni yomculo useveze ukuthi uyathemba abantu bazophinde bayithokozele ingoma yakhe entsha ethi Izethembiso.

Lo DJ ufike washisa izikhotha ngengoma yakhe ethi Umvulo ethandwe abaningi nabepike kuyo uZanda Zakuza.

Ekhuluma neSolezwe uthe sekuseduzane akhiphe i-albhamu njengoba ukukhipha izingoma kumsebenzela kakhulu.

“Le ngoma awukho umehluko omkhulu kunale engayikhipha ekuqaleni. Uhlobo lomculo engiwenzayo ngiwubiza ngeDance neMusical. Ngisebenze noSphiwe Jula kanti umuntu oyibhalile umculi osezakhele igama, uNaima Kay,” kusho uDJ Mdix.

Uthe kule ngoma kucula uSindi Mabika, naye osebenze kakhulu naye uNaima.

“Angijahile ukukhipha i-albhamu njengoba ukukhipha kwami izingoma ngifuna ukuzakhela igama. Abantu ngifuna ukuthi uma ngiyikhipha bangasho ukuthi ubani lona osekhiphe i-albhamu kodwa basheshe bangibone,” kuchaza yena.

Uthe emculweni ungene esesesikoleni njengoba ayethanda ukudlala uma kunemicimbi ehlukene.

“Ingoma Umvulo yaqhamuka ngise-studio. Umvulo usuku lwangoMsombuluko abantu abaningi abangaluthandi. Ngale ngoma ngangibakhuthaza ukuthi lolu suku baluthande njengoba lungaletha izinto eziningi ezinhle kubona,” kuchaza yena.

Uthe ngonyaka ozayo uzogxila e-studio sakhe esisha asanda kusivula iGiya Music, esizinze eThekwini.

Yena uthe udabuka ePort Shepstone, elokishini iGamalakhe.