INKAKHA emculweni we-house uDJ Ganyani ithe izocula nabaculi abanamagalelo emculweni njengoba izokhipha i-albhamu ka-10 ebizwa nge ngeGanyani House Grooves 10.
Omunye umculi okule albhamu yakhe uVusi Mahlasela.
UGanyani uthe kubenzima ukuthola inkakha enjengoMahlasela ngenxa yokuthi ubengakholelwa emculweni we-house.
“Ngesikhathi ethola ucingo lwami ngimcela ukuthi sicule naye, uvele wathi uyaxolisa ngeke akwazi ukuba semculweni we-house. Kudingeke ukuthi ngibe nesineke ngimchazele ukuthi yini le engifuna siyenze. Ugcine eqondile, wavuma. Ingoma ethi Moroka Wa Pula acula kuyona kwi-albhamu yami igcine ibhalwe uyena. Manje sesiyasebenzisana kahle futhi naye useyawuqonda umculo we-house,” kusho uGanyani.
Ngaphandle kukaVusi Mahlasela, uGanyani uthe uphinde wasebenzisana noBenny Mayengeni waseNigeria nodume kakhulu ngakubo.
Yize ekhipha i-albhamu ka-10 esemculweni, uphinde waveza ukuthi iyisendlalelo somkhankaso wokulwa nokubulawa kwabanebala elimhlophe e-Afrika azowuqala. Uthe njengamanje usaxoxisana nabenhlangano yabanebala elimhlophe i-Albinism Society of South Africa.
Kule albhamu yakhe uthe ingoma ethi Emazulwini iyona ayisebenzisayo ukulwa nokucwaswa kwabebala elimhlophe. Baningi nabanye abaculi asebenze nabo angakaze asebenze nabo phambilini njengoBongi Silinda GoodLucky Monique Bingham nabanye.
Uphinde wathinta nendaba kaFiesta Black ocula engomeni yakhe eke yaba sematheni iXigubhu okwake kwavela ukuthi abasabhekani naye, babanga ukungakhokhelani ngale ngoma.
Uthe kwaba ukungaboni ngaso linye okwenzeka kunoma ngubani kodwa manje sebebuyisene.
“Noma ungekho umsebenzi esesiwenze naye kodwa sisezinhlelweni zokuthi siqophe ndawonye njengoba sesikudlulisile okudala. Sihlezi sixhumana naye njengoba sihlela ukuphinde sisebenze ndawonye,” kuphetha uDJ Ganyani.