UDJ CNDO, obonakala kwi-video esezinkundleni zokuxhumana ehleba nomculi uTipcee, uthe babekhuluma ngokukhathazeka kwabo ngokushabalala kweBig NUZ.
NgoLwesibili uMampintsha noBabes Wodumo bafake i-video emakhasini abo ku-Instagram besola uCndo noTipcee ngokuhleba ngabo.
UCndo uthe i-video indala ngoba yaqoshwa phakathi kukaSepthemba no-Okthoba nyakenye.
“UTipcee wayengaboni ukuthi i-live video isiqalile ukushutha. Ngayibona kudala i-video futhi ngavele ngazi nje ukuthi izodala ukukhuluma,” kusho uCndo.
Kule nkulumo kuqhamuka uTipcee ethi: “Kodwa bayahlohlana laba.”
Kube sekungenelela uCndo oqhamuka ethi: “Bawumbhedo bobabili, kade nganginitshela.”
UTipcee uyaqhubeka athi: “Mina bengingazi ukuthi unenhliziyo embi kanje ulokhuzana.”
Kube sekuqedela uCndo athi: “UMampintsha uSathane wokugcina-ke lowo.”
UTipcee ube eseqedela athi: “Mina bengicabanga ukuthi uDanger ke.”
UCndo uthe uBabes akangeni ndawo enkulumeni yabo ngoba babekhuluma ngeBig NUZ.
“Siyamjabulela uMampintsha ngempumelelo yakhe kodwa sibona sengathi akasayinakile iBig NUZ. Ngangithi uSathane owenze kwaba khona uqhekeko phakathi kwabo.”
Uthe umcasulile uMampintsha uma ethi uyena omenze waduma.
“Kwi-albhamu yami iBig NUZ yayingekho futhi yadayisa igolide. Uzama ukuthini uma ethi wangenza? Wacula ezingomeni ezilandelayo futhi ngiyakubonga lokho. Uma enenkinga unayo inombolo yami.”
Uthe ukhathazekile ngoqhekeko kubaculi baseThekwini ngoba iBig NUZ ingelinye lamaqembu ababukela kulo.
Imizamo yokuthola uMampintsha izolo ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala bese luyavaleka.
UDanger uthe: “Ngiyamxolela uTipcee ngokuthi ubecabanga ukuthi ngiwuSathane.”
Uthe mabangaphatheki kabi ngokuhlukana kweBig NUZ, okwesikhashana, ngoba bakhulisa izinkampani zabo.
“Njengoba kuqala unyaka nje ngigxile enkampanini yami i-108 Entertainment noMampintsha umatasa ngeyakhe. Abantu bayakwazi kodwa ukuqasha iBig NUZ. Kubalulekile ukuthi sikhule. Kuzothi uma konke sekuhamba kahle sibuyele estudiyo kuphinde kube mnandi.”
UTipcee naye uveze umuzwa wakhe ngokuvela kwale video nala ethe kukhona abanomona ngempumelelo yakhe.
“Uma abantu oncintisana nabo bebona ukuthi usuyingozi kubona usubhalwa kahle emaphepheni, umenywa ezinhlelweni zethelevishini ngeke bajabule. Uma sekuvumbuka ama-video amadala agcwale ezinkundleni zokuxhumana, yindlela yabo yokuziphindiselela leyo. Yindlela yabo yokuvikela into abazitshela ukuthi ‘eyabo’. Abathandi uma usuphefumulela emiqaleni yabo sebezwa ukuthi uyasondela. Kunalokho bazama ukukuvalela ngaphandle. Hhayi ngoba uyisitha sabo kodwa ngoba abathandi ukubona abanye abantu benza abakwenzayo,” kubhala uTipcee.