U-ANELE Mdoda nozoba wumyeni wakhe uBonelela Buzza James Mgudlwa bemi neqembu iLadysmith Black Mambazo emcimbini wokubungaza uhambo lwabo olubheke emshadweni njengoba sebememezele abazoba ngabakhaphi babo uma sebeshada
Image: X
KUCACELE nengane encane ukuthi zizowushaya maduzane kumsakazi nomethuli wezinhlelo U-Anele Mdoda okuthe kuleli sonto wadalula izintokazi ezizoba ngabakhaphi bakhe.
Akagcinanga lapho ngoba nomyeni wakhe uBonelela 'Buzza' James Mgudlwa, umemezele abakhe.
Lezi zithandani kumangale abaningi kusabalala izithombe zazo kuqedelwa ilobolo.
Abaningi babecabanga ukuthi wumshado wabo wesintu.
Kodwa u-Anele wakubeka kwacaca ohlelweni lwakhe alusakaza ekuseni emsakazweni i-947 ukuthi ubengashadi kodwa bekuzoqedelwa ilobolo.
"Angikashadi kodwa abasemzini wami bebeze ekhaya ngoba bezoqedela ilobolo. Ngiyazi abaningi bebezitshela ukuthi bengishada kodwa akunjalo, okwamanje sisagcina amasiko ahlukene bese siyaqhubeka nomyeni wami," kusho u-Anele.
U-Anele ebhala enkundleni yakhe yokuxhumana u-Instagram, uveze ukuthi abakhaphi bakhe ubakhethe ngenxa yobungani beqiniso asebe nabo njengoba sebazane iminyaka engaphezu kuka-20.
Kubangani bakhe athe bazomphelezela kubalwa uNeo Nontso athe uyena ozoba wumkhaphi omkhulu, Cindy Poluta, Daisy Makoni, Mrs Nodada, Azile Bubu noRose Mungofa.
Umyeni wakhe ngemuva kwalo mcimbi ubhale enkundleni yakhe kwi-Instagram, ethi ngokuhlangana no-Anele kuphenduleke umthandazo weminyaka.
“Konke kuhambisana namazwi asembhalweni ku-Isaya 60, ngaso sonke isikhathi ngihlala ngicabanga ngawe, ubuhle bakho, indlela oziphethe ngayo, isibindi onaso kanye nobungani esibakhile sobabili, ulethe ukukhanya empilweni yami,” kubhala uJames.
Emcimbini wokubungaza ukuthembisana kwabo umshado bekukhona osaziwayo okubalwa kubo omunye wabangani abakhulu baka-Anele, uSizwe Dhlomo.
Kube sekunandisa iqembu iLadysmith Black Mambazo.
Kwenzeka lokhu nje, udadewabo ka-Anele abebengamathe nolimi naye, uThembisa, akabonakali ndawo kuzona zonke izinhlelo ezenziwa wudadewabo, okuqinisa amahlebezi ake avela kwabezindaba okuthi abasabhekani.